Ubongwe ngonyanyavu lwemoto u-Onyango ngemisebenzi yakhe e-Uganda

UDenis Onyango nomengameli wase-Uganda uYoweri Museveni

OKADONGA GUMBI

Unozinti weMamelodi Sundowns, uDenis Onyango ucelwe ngumengameli wangakubo, uYoweri Museveni Kaguta ukuba ake aqi qu ekhaya ngempelasonto edlule. Uthe uma efika wathola ukuthi uzobongwa ngemisebenzi yakhe ekukhuphuleni ibhola kuleliya lizwe.

Uklonyeliswe ngemoto njengoba esanda kumemezela ukuthi usethi khumu eqenjini lesizwe lakhona asevimbe kulo iminyaka ecela eshumini. U-Onyango uthathwa njengenxusa lebhola lase-Uganda njengoba eseke waze waqokwa njengonozinit ovelele e-Afrika yonkana ngaphansi kweCAF.

Kungenxa yakhe ukuthi abadlali abehlukene bakuleliya lizwe sebeke bathola amathuba okuyodlala kwamanye amazwe okubalwa nelakuleli. Kumanje kunonozinti omncane ozilolonga neSundowns owacelelwa wuye u-Onyango ukuze amfundise okuthile.

NeChippa United isanda kulanda u-Ismail Watenga wakhona e-Uganda kanti kwiSuperSport United kukhona uMoses Waiswa bese kuthi kwiJomo Cosmos kukhona uDaniel Opolot.

UMuseveni umuphe iMitsubishi Pajero entsha ceke okuthiwa ibiza ngaphezu kukaR700 000 njengesipho sakhe sokuncoma imisebenzi yakhe. UMuseveni uthe izwe lakhe liyaziqhenya ngo-Onyango.

“Ndodana, Denis Onyango, umama wesizwe, uJanet Museveni, yimi nesizwe sonkana siyakubonga ngokusenza siziqhenye njengezwe ngobuqhawe bakho uma usenkundleni nangaphandle, lapha ekhaya nasekuhambeni. Sikufisela konke okuhle,” ucashunwe esho kanje uMuseveni ngemuva kokunikeza u-Onyango okhiye bale moto.

U-Onyango obehamba nonina nelinye ilungu lomndeni ngesikhathi eya kulo mcimbi abebongwa kuwo. Bekukhona nomengameli wenhlangano eyengamele ibhola e-Uganda, uMagogo noNgqongqoshe wezeMidlalo, uDenis Obua. Kulindeleke ukuthi abe esebuyile ngoMgqibelo njengoba iMasandawana inomdlalo onzima weCAF Champions League ne-Al Ahly yase-Egypt.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *