UBooth uncoma ukusayina kweChiefs, uthi kodwa isekude kwiSundowns

UBooth uncoma ukusayina kweChiefs, uthi kodwa isekude kwiSundowns
UMathew Booth uthi lizoncipha igebe leMamelodi Sundowns ngesizini ezayo
Sbongs Gumbi

Owayewuqweqwe lesitobha kwiBafana Bafana ethandwa nangabalandeli, uMatthew Booth, usencome indlela iKaizer Chiefs esayine ngayo kulokhu.

Uthi kuyakhombisa ukuthi izimisele ngempela ukubuya ibe yiqembu elihlezi lisembangweni wezicoco njengoba sekuphele iminyaka eyisikhombisa iyizwa ngendaba indebe nje.

IChiefs isayine uKeagan Dolly, Sifiso Hlanti, Phathutshedzo Nange, Cole Alexander noNJabulo Ngcobo ngesizini edlule, okungabadlali abahle kakhulu.

Kulokhu seyengeze ngo-Ashley DU Preez, Kamohelo “Nyaope” Mahlatsi, Zitha Kwinika noDillon Solomons phakathi kwabanye.

“IKaizer Chiefs isayine kahle ngesizini edlule futhi ngibona nakulokhu benze kangcono kakhulu. Cishe igebe ngeke libe likhulu kakhulu kulokhu,” kusho uBooth kwabePhakaaathi.

Ube eseveza nento eyashiwo nguMandla Ncikazi we-Orlando Pirates ngesizini edlule kodwa wagcina eseyinhlekisa ngenxa yendlela ayisho ngayo.

“Ngokwemali, iSundowns inamandla kakhulu ngaphezu kwalawa amanye amaqembu angu-15 kwiligi, futhi isazoqhubeka ibuse nje uma ingagcina laba badlali enabo.

“Okumele ikwenze wukuqinisa ngendlela enobuchule ezindaweni ezithile kuphela. Ngibona iSundowns isazoqhubeka izibusele ngoba iChiefs isahlanganisa, kusekude ukuthi ibe sezingeni elifanele.”

ISundowns seyidle izicoco zeligi amahlandla amahlanu kulandelana kanti ngesizini edlule ibuthe zonke izicoco kuleli yashiya wonke amaqembu encela izithupha.

FUNDA NALA: IPSL ibonakala izobe ihleleke kangcono ngesizini ezayo

Lokhu kukholakala ukuthi yikho okuvuse iChiefs nomakhelwane bayo i-Orlando Pirates emaqandeni njengoba kuthiwa bayahloma kumanje bafuna ukuyiketula.

“Ngiyaphoxeka nje ngokuthi amanye amaqembu awakwazi ukuthola ezinye izindlela zokuncintisana neSundowns.

“Bangakwazi ukuncintisana nayo uma bengaqinisekisa ukuthi bathola abadlali abasezingeni futhi nezinhlaka zabo zokuthuthukisa amakhono zibe sesimeni esifanele.

“Likhulu kakhulu igebe eliphakathi kweSundowns namanye amaqembu njengoba sibonile kule minyaka embalwa edlule,” kuchaza uBooth.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.