UBophela usefuna ukudla ijezi kwiPirates ngemuva kokudlala okokuqala

UBophela usefuna ukudla ijezi kwiPirates ngemuva kokudlala okokuqala
USimiso Bophela
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Umdlali osemncane we-Orlando Pirates uSimiso Bophela uthi bekuthi akagiye enikwa ithuba lokudlala okokuqala eqenjini elikhulu.

UBophela, oneminyaka engu-21 ungene sekusela ngaphansi kancane kwemizuzu engu-20 ngesikhathi iPirates ibhekene neMaritzburg United ngoLwesithathu.

Yize engadlalanga isikhathi eside, kodwa ukhombise ukuzimisela nokungesabi njengoba ebezama ukungena nazo izitobha zeMaritzburg.

UBophela ube nengxoxo nabePirates la bebembuza khona ngalo mdlalo nangewele lakhe uSimo abanyuselwe nalo eqenjini elikhulu kule sizini.

Uzizwe unjani uma utshelwa ukuthi uzodlala ngoLwesithathu?

“Bengijabule kakhulu, yisikhathi ekade ngasilinda lesi ngakho kube mnandi kakhulu uma sesifika.

Ubudlala eqenjini lenkulisa isikhathi eside ngaphambi kokukhushulelwa eqenjini elikhulu. Bewuvele unawo umuzwa wokuthi siyofika isikhathi sakho? 

“Benginomuzwa wokuthi isikhathi sami sizofika ngoba bengilokhu ngisebenza ngokuzikhandla ejimini.

“Benginethemba elikhulu lokuthi nakanjani isikhathi sami sizogcina sifikile.

Bewudlala kwiGladAfrica Championship (ebolekiswe kwiSekhukhune United) ngesizini edlule. Ngabe kuningi okufundile ngalokho? 

“Ngifunde lukhulu laphaya (kwiChampionship). Bekuyisimo esihlukile kanti nendlela yokudlala beyihlukile kunengiyijwayele.

“Kungisize kakhulu ukudlala khona goba kungikhulisile njengomdlali.

Batheni abaqeqeshi kuwe ngaphambi kokuthi bakufake nibhekene neMaritzburg?

“Abaqeqeshi bangitshele ukuthi ngingesabi, ngingene enkundleni ngidlale leli bhola engilaziyo.

“Bathe angenze lento engiyazi bese ngingaphakamisi umoya bese ngidlale ngokukhululeka.

Ucishe washaya igoli. Yini efike emqondweni wakho ngesikhathi uthola leliya bhola?

“Kwavele kwaba sengathi sengivele ngilinamathisele enethini uma ngilithola ibhola.

“Mhlawumbe yingakho ngasheshe ngakhahlela ngingasabhekanga kahle ukuthi ngilibeka kuphi ibhola.

“Kodwa lokho kube yingxenye yokufunda futhi ngizolithola elinye ithuba ngilisebenzise kangcono ngokuzayo.

FUNDA NALA: UDube weChiefs uselwela ukubuyela kwiBafana

Uma uzibheka udlale kanjani kulo mdlalo? Ngabe kukhona la ubona kufanele wenze ngcono khona?

“Kuningi la kusamele ngiziphucule khona kodwa ngijabule ngendlela engidlale ngayo.

Usuke wakhuluma noSimo kusukela udlalile? Utheni ngomdlalo wakho? 

Impela sesike sakhuluma. Ubengijabulele kakhulu. Uyaziqhenya ngami futhi ungijabulele kakhulu.

Yini ofisa ukuyizuza kule sizini?

Okuphambili wukuthi ngidlale imidlalo eminingi, ngisize iqembu lapho ngikhona khona ukuze siwine imidlalo nezindebe.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.