Uboshiwe uZungu i-Orlando Pirates yammisa eqenjini

Uboshiwe uZungu i-Orlando Pirates yammisa eqenjini
UNkanyiso Zungu
OkaDonga Gumbi

UNkanyiso Zungu we-Orlando Pirates ushaqwe amaphoyisa ngeSonto kusihlwa eGoli kodwa akukaveli ukuthi ubenzeni.

IPirates ikhiphe isitatimende iqinisekisa ukuthi lo mdlali waseThekwini uboshiwe yabe seyithi usemisiwe naseqenjini kuze kube kuphela uphenyo ngecala lakhe.

UZungu uboshwa nje uvele ulizwa ngendaba ijezi kwiPirates kule sizini. Ngesikhathi yena eboshwa, iPirates beyisemdlalweni weCaf Confederation Cup e-Orlando Stadium.

“I-Orlando Pirates ingakuqinisekisa ukuthi umdlali wasesiswini uNkanyiso Zungu uboshiwe ngamaphoyisa aseMoffatview namuhla kusihlwa.

“Iqembu selimmisile njengoba kusaphenywa. Njengoba lolu daba selusezandleni zabomthethi, iqembu alikwazi ukuphawula ngalo kuze kube seluphothuliwe,” besifundeka kanje isitatimende sePirates.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.