UBoshoff ulinde isikhathi sakhe sokuketula uMothwa oSuthwini

UBoshoff ulinde isikhathi sakhe sokuketula uMothwa oSuthwini
UNeil Boshoff
Alfred Ngubane

Kuhlale kuthiwa izinto ezinhle zigcina zifikile kulabo abanesineke sokulinda, futhi akekho okwazi ukwedlula uNeil Boshoff lokhu.

Lo nozinti waMaZulu FC useze wacishe wakhohlakala njengoba ijezi elizwa ngendaba kusukela kwafika uVeli Mothwa kuleli qembu.

Ekhuluma neMpempe ngokukhethekile muva nje, uBoshoff ubhodle ngale ngwadla abhekene nayo yokweqiwa yijezi.

Uthi uzobekezela kuze kufike isikhathi sakhe. “Njengoba ngingadlali nje angilimele kodwa yikhona ukuthi ngisasebenza kanzima ukuze ngigcine ngithola ijezi,” kusho lo nozinti.

Uhlale isizini yonke engadlali njengoba leli qembu belidinga unozinti onesipiliyoni kwiCaf Champions League.

Uphinde waveza ukuthi uyafuna ukudlala njengoba esafuna ukungena naseqenjini lesizwe iBafana Bafana nje.

FUNDA NALA: UNelukau uzibona esekulungele ukuyoqeqesha ezinkunzini zaseSoweto noma iBafana

“Angifuni ukuqamba amanga, ukungasitholi isikimu kungincisha ithuba lokudlala eqenjini lesizwe nokubonwa ngamaqembu amakhulu aphesheya kwezilwandle.”

Lo nozinti uphinde wancoma umqeqeshi wonozinti kuMazulu uMoeneeb Josephs, wathi ungumgqeqeshi okhaliphile nolidlalile ibhola noqondayo ukuthi umdlali uthuthukiswa kanjani.

UBoshoff uthi lokhu kuyamsiza yena njengoba esafuna ukukhula neqembu laMazulu kwazise nalo likhombisa ukudlondlobala muva nje.

Uthi kuningi akufundile ngokuba seqenjini ebelidlala kwiChampions League njengoba bebehamba amabanga amade befunda nendlela ekwenziwa ngayo izinto kwamanye amazwe.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.