UBrooks akakukhombisi ukuzinikela ejimini, kusho uRamovic

UBrooks akakukhombisi ukuzinikela ejimini, kusho uRamovic
U-Ethan Brooks
OkaDonga Gumbi

USead Ramovic ongumqeqeshi weTS Galaxy akasebenzisi ukwaziwa noma udumo uma eqoka iqembu azoqala ngalo imidlalo.

Lokhu kuvezwe yilo mqeqeshi odabuka eSerbia ngesikhathi ebuzwa ngokuqala ebhentshini komdlali weBafana Bafana u-Ethan Brooks.  

Lo mdlali oneminyaka engu-21 ungomunye wabangasali ngaphandle uma uHugo Broos eqoka inqembu lakhe kwiBafana kanti ukungadlali kwakhe kwiGalaxy kuyabakhathaza abasondelene naye.

KOdwa uRamovic umile ekutheni uma lo mdlali engamkhombisi lento asuke efuna ukuyibona ejimini, ngeke yena amfake eqenjini eliqala imidlalo. 

Uze wathi kwayena uBroos engazifikela la bejimela khona ezozibonela ngawakhe ukuthi yini le eyenza angaqaliswa uBrooks.

FUNDA NALA: Ibuyelwe yithemba lokuqeda endaweni yesibili iPirates ishaya iSekhukhune

“Uyazi uma ucija abadlali nsukuzonke ukwazi kahle osuke ufuna ukukubona kubo nofuna bakwenze,” kusho uRamovic. 

“Umqeqeshi weqembu lesizwe engeza la sizicijela khona azobuka, bese sixoxa ngalento. Kodwa mina ngikhetha abadlali engikholwa wukuthi bazosisiza siwine umdlalo.” 

UBrooks useke wamataniswa namaqembu ehlukene kanti kuthiwa maningi asibhekile isimo sakhe ecuthele ukuthi uma iGalaxy ingagcina idliwe yizembe amthathe.

“Ngake ngakusho lokhu phambilini futhi ngizokuphinda, wonke umuntu la eqenjini lami wemukelekile ukungikhombisa ejimini ukuthi uyafuna ukudlala,” kuphetha uRamovic kulolu daba.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.