UBrooks ukhululwe uBroos kwiBafana ibhekene neGhana

UBrooks ukhululwe uBroos kwiBafana ibhekene neGhana
U-Ethan Brooks
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Instagram

U-Ethan Brooks weBafana Bafana uveza ukuthi ukhululwe umqeqeshi uHugo Broos ukuthi adlale ngendlela afisa ngayo ngesikhathi bebhekene neGhana.

UBrooks, ongudlali weTS Galaxy egijima kwiDStv Premiership, ushaye into ecokeme esiswini ngesikhathi iBafana iqumba phansi iGhana ngo 1-0 emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2022 ngoMsombuluko.

Ubekwenza kubukeke kulula nje ukugadulisana nezinkunzi zabadlali baseGhana yize ebeqala umdlalo okokuqala eqenjini lesizwe.

“Kube yinto enhle kimi ukuqala umdlalo ngize ngiwuqede. Bekusho lukhulu, emdlalweni wonke nje, bekuyinto engiyijabulelayo,” kusho uBrooks.

Lo mdlali alingatshazwa ikhono lakhe futhi ungomunye walabo ababukeka beyikusasa leqembu lesizwe lakuleli.

“Umqeqeshi ukwenze kwaba lula kimi ngaphambi kosuku lomdlalo. Uthe kimina angingene enkundleni ngifike ngidlale njengoba ngihlale ngidlala eqenjini lami.

“Uthe ngingazethembi ngokweqile, ngingasabi futhi ngokweqile. Ngenze lokho engikwazi ukukwenza, konke kuzokwenzeka ngendlela.”

Lo mdlali uthe lokhu kumenze wazethemba kakhulu futhi uyambonga umqeqeshi ngokukholelwa kuyena.

“Sonke sisebenze kanzima sabumbana njengeqembu. Besesekana futhi sidlalelana,” kusho uBrooks.

“Ngizosebenza kanzima zonke izinsuku ukuze ngigcine umgqigqo engikuwona manje. Akukho okudlula ukuzimisela.”

IBafana isesicongweni ngamaphuzu amane eqoqweni layo ngemuva kwemidlalo emibili. Ilandelwa yiGhana ngamathathu kanjalo ne-Ethiopia enamathathu.

Ekugcineni kuvale iZimbabwe enephezu elilodwa. “Ukuba seqhulwini kwilogi kusho lukhulu kithina.

“Akukapheli, sisazodlala ne-Ethiopia ekhaya. Ngethemba ukuthi sizokwenza lokhu esikwenze kwiGhana, ukuze
sihlale siphezulu kwilogi.

FUNDA NALA: ISharks neCheetahs basayinde isivumelwano esingajwayelekile neze

“Kubalulekile kakhulu ukuthi sithole amaphuzu ayisithupha emidlalweni emibili ezayo. Lokhu kuzosisiza kakhulu ukuthi singagudluki esicongweni,” kuchaza uBrooks.

Uphethe ngokuthi kuyamjabulisa ukubona abalandeli bekhuluma kahle ngaye ezinkundleni zokuxhumana “kodwa ekugcineni yimina okumele ngingene enkundleni ngidlale kahle ngokuzinikela.”

Uma sekusongwe imidlalo yamaqoqo amazwe ayishumi azoqeda phezulu azodlala imidlalo yokuhlunga ukuze kuphume amazwe amahlanu azomela i-Afrika eQatar ngo-2022.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.