UBrooks unethemba elikhulu lokuthi iBafana izongena kweyoMhlaba

UBrooks unethemba elikhulu lokuthi iBafana izongena kweyoMhlaba
U-Ethan Brooks
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Instagram

Umdlali waseswini onekhono weTS Galaxy u-Ethan Brooks, uthi kubalulekile ukuthi iBafana Bafana izibekisele indawo kwiNdebe yoMhlaba ka-2022 eQatar.

Ukhuluma kanjena nje lo mdlali useqenjini leBafana Bafana elizodlala imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba eqala ngoSepthemba 3.

INingizimu Afrika izoqala ngokubhekana neZimbabwe ngoSepthemba 3, bese ilandelise ngeGhana ngoSepthemba 6.

“Ngizizwa ngihloniphekile kakhulu ngokubizwa kwiBafana Bafana ezodlala imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba eQatar ngo-2022.

“IBafana yagcina ukuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba ngo-2002. Kubalulekile kakhulu kithi ukuthi siqine ngokomqondo,” kusho uBrooks.

Lo mdlali ungomunye wabashaye into ecokeme ngesikhathi iNingizimu Afrika iqukula iCosafa Cup ka-2021 ngoJuni.

Leli qembu ebeliholwa unozinti waMaZulu FC uVeli Mothwa, liqede umqhudelwano lingazange lingenelwe yigoli.

“Kumele siqale ngegiya eliphezulu uma sesidlala namaqembu amabili okuqala (iZimbabwe neGhana),” kulanda uBrooks.

“Abadlali basanda kuwina iCosafa kungekudala ngakho ngicabanga ukuthi lokhu kuzosisiza njengoba sizodlala imidlalo yokuhlunga.

“Abanye bethu sebeke badlala ndawonye, akusona isikwati esisha kakhulu. Yiqembu elingahlangana ngokushesha.

“Njengoba kukhona abadlali abake badlala kwiCosafa akubona neze ubuso obusha bodwa. Lokho yinto engasisiza kakhulu kule midlalo yokuhlunga,” kubeka uBrooks.

INingizimu Afrika ngeke ilubhade kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) eCameroon ngonyaka ozayo, kulandela ukuhluleka ukuzibekisela indawo kulo mqhudelwano.

Lokhu kuchaza ukuthi iqembu lakuleli kumele lizame ukuzibamba ziqine emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba, ukuze livale ihlazo leminyaka.

FUNDA NALA: UBvuma uthi bakhathele ukuhujiswa utalagu yiBaroka

Eqoqweni leNingizimu Afrika kukhona iZimbabwe, Ghana ne-Ethiopia. Uma kubhekwa la mazwe kufanele ngabe iqembu lakuleli lizozibekisela indawo kalula kwiNdebe yoMhlaba.

Nokho kuyaziwa ukuthi iBafana ihlale iphoxa uma kade ithenjiwe. Kodwa ke njengoba umqeqeshi omusha uHugo Broos ebukeka eliqala ngabafna abasebancane iqembu mhlambe kuzoba ngcono.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.