UBrooks usebheke ukubethela indawo yakhe kwiBafana enkulu

UBrooks usebheke ukubethela indawo yakhe kwiBafana enkulu
UDABA: Thabiso Ngcobo
ISITHOMBE: Twitter

Sesifuna ukuzibekisela indawo esikwatini seBafana Bafana esizodlala eyokuhlungela iNdebe yoMhlaba isibabuli somdlali weTS Galaxy, u-Ethan Brooks ofaniswa nengwazi yeqembu lesizwe uSteven Pienaar.

Le njini egijima esiswini ibonakale okokuqala eqenjini lesizwe ngesikhathi elakuleli liguqisa i-Uganda ngo 3-2 emdlalweni wobungani owawubanjelwe e-Orlando Stadium ngenyanga edlule.

Ngemuva kokwenza kahle kweyobungani naseqenjini lakhe uBrooks uphinde wadlala ingcwenga yebhola ngesikhathi iBafana ikhala yemuka nesicoco seCosafa Cup eGqeberha.

Lokhu sekuholele ekutheni lo mdlali afune ukuba yingxenye yabadlali abazomela iqembu lesizwe kweyokuhlungelaa iNdebe yoMhlaba. Le midlalo izoqala ngoSepthemba.

“Njengoba imidlalo yokuhlungela eyeNdebe yoMhlaba isisemome ngingakuthanda ukuba yingxenye yalelo qembu kodwa ngisebenze kanzima ukuqinisekisa ukuthi ngiyakwazi ukungena eqenjini,” kusho uBrooks.

Lo mdlali oneminyaka engu-19 ubudala uphinde wathembisa ukuziphatha kahle kulandela ukwenza kahle kwakhe.

“Ukumelana nengcindezi ehambisana nodumo, ngizokwenza izinto kancane kancane ngeke ngivumele udumo lingingene ekhanda, ngizoqinisekisa ukuthi ingqondo ibheke phambili,” kuphetha uBrooks.

IBafana ibheke ukuzibekisela indawo eNdebeni yoMhlaba ezobanjelwa eQatar ngonyaka ozayo. Elakuleli selokhu lagcina ukubonakala kulo mqhudelwano ngo-2010 ngesikhathi lingosokhaya.

FUNDA NALA: Owayedlala kuChiefs ufuna iChiefs isayine nabazohlasela

Ngo-2014 belingabonwa nangokhalo eBrazil. Nango-2018 liyizwe ngendaba Indebe yoMhlaba eRussia. Kulokhu kozemele liqinisisekise ukuthi lenza kahle njengoba eqoqweni lalo lizobhekana ne-Ethopia, Zimbabwe neGhana.

Umdlalo wokuqala iBafana izobhekana nomakhelwane iZimbabwe ngoSepthemba 1.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *