UBroos akazukuzwela kakhulu ukushoda kukaTau kwiBafana

UBroos akazukuzwela kakhulu ukushoda kukaTau kwiBafana
UHugo Broos
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ngokujwayelekile, ukungabi bikho komdlali ofana noPercy Tau kungaba yinto emkhathaza kakhulu umqeqeshi weqembu lesizwe iBafana Bafana.

Kodwa kubukeka kungamele kube njalo kuHugo Broos omemezele iqembu azogadla ngalo kwi-Ethiopia ngoMsombuluko emini.

Leli qembu lizothwala amathemba esizwe okungena kwiNdebe yoMhlaba njengoba lizobhekana ne-Ethiopia kweyokuhlunga ngasekuqaleni kwenyanga ezayo.

UBroos uqoke abagadli abasefomini enhle emaqenjini abo –  oVictor Letsoalo weRoyal AM, Tshegofatso Mabasa noVincent Pule be-Orlando Pirates, Thabiso Kutumela weMamelodi Sundowns phakathi kwabanye.

IBafana izobe idlala ingenaye uPercy Tau oyiphini likakaputeni kwazise usalimele kanti i-Al Ahly yenqabile ukumdedela abuye kuleli.

Bekumele afike azohlolwa ngodokotela beBafana baqinisekise ukuthi ulimele ngempela nokuthi kubi kangakanani.

Walimala ngesikhathi iBafana idlala neGhana ngasekuqaleni kukaSepthemba. Nokho ayizusokola kakhulu kubagadli iBafana.

UNjabulo Ngcobo weKaizer Chiefs ungenile naye eqenjini yize encishwa ijezi kuleli qembu.

Bekuke kwanokusabela ukuthi ukuzitshwa kwakhe nguStuart Baxter kuzomumoshela amathuba okubizwa kwiBafana.

UBaxter wathi ngeke yena afakelwe ingcindezi yokudlalisa umdlali ngoba nakhu ebizwa kwiBafana.

UNgcobo usadlale kanye kwiChiefs selokhu kuqale isizini, nakhona wadlaliswa endaweni angayijwayele beshaywa yiRoyal AM.

FUNDA NALA: UMahlasela uncoma ozakwabo ngokuzikhandla kwiRoyal AM

Kodwa uBroos ubukeka emethemba lomdlali obengumunye wabavelele ngesizini edlule esekwiSwallows FC.

Omunye nguLyle Lakay weSundowns abaningi abakholwa wukuthi akekho odlala emuva kwesokunxele osezingeni lakhe kuleli.

Nokho kubukeka indlela adlala ngayo ingamchazi neze uBroos olande uTerrence Mashego weCape Town City noSifiso Hlanti weChiefs kule ndawo.

Uma selilonke iqembu eliqokwe yilo mqeqeshi waseBelgium lime kanje:

Onozinti: Ronwen Williams, Bruce Bvuma, Veli Mothwa

Izitobha: Nyiko Mobbie. Njabulo Blom, Sifiso Hlanti, Terrence Mashego, Rushine De Reuck, Mosa Lebusa, Siyanda Xulu, Njabulo Ngcobo.

Esiswini: Mothobi Mvala, Tebogo Mokoena, Yosuf Maart, Ethan Brooks, Thabani Zuke, Goodman Mosele

Abagadli: Victor Letsoalo, Thabiso Kutumela, Evidence Makgopa, Tshegofatso Mabasa, Vincent Pule, Bongokuhle Hlongwane

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.