Ngabe uBroos ufisa uPercy Tau ashiye kwi-Al Ahly ukuze asize iBafana?

UBroos ufisa uPercy Tau ashiye kwi-Al Ahly ukuze asize iBafana?
UPercy Tau we-Al Ahly

 

Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos useveze isizathu esenze angambizi uPercy Tau emakhempini akhe amabili edlule. 

UTau ubengekho ngoSepthemba iBafana idlala neSierra Leone neBotswana. Uphinde washiywa ngaphandle kule midlalo yakamuva neMozambique ne-Angola. 

Ukukhuluma kwalo mqeqeshi kuveze ukuthi uyafisa ukumlanda uTau kodwa inkinga wukuthi akadlaliswa eqenjini lakhe i-Al Ahly e-Egypt.

“Ngicabanga ukuthi uma ungadlalisa uPercy Tau kulo mdlalo ubengadlala isigamu sehora,” usho kanje uBroos ngemuva komdlalo we-Angola. 

“UPercy usehlale izinyanga ezine engadlali. Manje ungamfaka emdlalweni ofana nalo? Akufanele, naye akumfanele.”

UTau udlala kwi-Al Ahly yase-Egypt la asayinwa khona uPitso Mosimane osashiya kuleli qembu. 

Kusukela lapho izinto azimhambeli kahle lo mdlali obelithemba leBafana Bafana noseke wathi qu e-Europe. 

“Akekho esimweni esihle ngokomzimba ukuthi ubengadlala kule midlalo. Ngiyathandaza ukuthi adlaliswe kwi-Al Ahly noma ke kwelinye iqembu… 

“Lokho kuzokwenza abuyele emgqigqweni wakhe wokujwayela ukudlala,” kuqhuba uBroos.

“Ningacabangi ukuthi angilazi izinga likaPercy Tau, noma angifuni ukumlanda.

FUNDA NALA: U-Erasmus uchaza ngokushiya kwakhe kwiSundowns

“Kodwa ukumlanda kungasiza bani? Nakanjani ngeke kulisize iqembu, naye uqobo ngeke kumsize. 

“Ngeke sikwazi ukumsebenzisa okwamanje. Kodwa asethembe ukuthi uma sekuqala unyaka omusha, noma ukusuka manje uzodlala ngoba kuyaqhutshekwa nokudlala e-Egypt. 

“Asethembe uzobe esesesimweni esingcono ngoMashi. Engaba yisinongo esihle impela eqenjini lethu – lokho asikungabazi.” 

IBafana izogadulisana neLibya emidlalweni emibili yokuhlungela i-Africa Cup of Nations ngoMashi. 

Kumele nakanjani iyiwine le midlalo ukuze ibe nethuba lokuya kulo mqhudelwano ngonyaka ozayo. 

– Songs Gumbi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *