UBroos ukhale ngokuba buthuntu kweBafana, uthi uzolungisa

UBroos ukhale ngokuba buthuntu kweBafana, uthi uzolungisa
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos uthi kumele balungise ukuhlasela nokushaya amagoli kulezi zinsuku ezizayo.

Usho lokhu ngemuva kokuthi iqembu lakhe libambane ngo 0-0 neZimbabwe emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2022, ngoLwesihlanu.

IBafana ibihluleka ukugeleza ifike emapalini eZimbabwe nokuyinto lo mqeqeshi odabuka eBelguim athe iyamkhathaza kakhulu.

“Ngijabule kakhulu ngendlela abadlali abawuthathe ngayo umdlalo. Ngicabanga ukuthi bakhombise ukuba nemiqondo ekahle nokuyinto enhle kakhulu,” kusho uBroos.

“Sivimbe kahle futhi emuva, asizange siyinike iZimbabwe amathuba amaningi.” Nokho uthe kukhona angajabulanga ngakho emdlalweni yize ebona ukuthi abadlali bebefuna ukuwina.

“Ngakolunye uhlangothi kumele ushaye amagoli ukuze uwine imidlalo. Namuhla bekungahambi kahle kulolo hlangothi uma siya phambili.

“Kumele sisebenze kulokho ngesonto elizayo nasezinyangeni ezizayo, ngoba ukuze uwine kumele ube namagoli. Lokhu bekuyingqinamba kakhulu kithina namuhla.”

Ukhale nangokuthi abasitholanga kahle isikhathi sokuhlanganisa iqembu futhi lokhu kubonakalile enkundleni.

“Ngiyajabula ukuthi abadlali bayalalela futhi bayazama ukwenza lokhu esibatshela kona. Kodwa kuseyisiqalo lesi, ngeke wenze yonke into ezinsukwini ezinhlanu.

FUNDA NALA: OweRoyal AM uphika eyokungaholelwa kwabadlali nesiteleka

“Yikho nje ngithi kukhona izinto okumele sisebenze kuzona. Kumele sibe yingozi kakhulu uma siya phambili. Kufanele sisheshe ukungena engxenyeni yesitha kodwa lezo yizinto okumele sizilungise.

“Okwamanye sinezinsuku ezimbili kuphela ukulungisa izinto ngakho angiboni ukuthi kuzoba lula. Sidinga isikhathi ukuze senze lokho,” kusho uBroos.

IBafana ayinaso ngempela isikhathi njengoba izobhekana neGhana komunye umdlalo wokuhlunga ngoMsombuluko lapha ekhaya.

Lokhu kuchaza ukuthi inezinsuku ezimbili kuphela zokuthi ilungise amaphutha. UBroos bekungokokuqala ehleli ebhentshini leBafana selokhu eqashiwe ezinyangeni ezedlule.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.