UBroos uqoke inqwaba yabeSundowns kwiBafana

UBroos uqoke inqwaba yabeSundowns kwiBafana
OkaDonga Gumbi

Ugcine eqokiwe kwiBafana Bafana umdlali weMamelodi Sundowns obekhalelwa ngabalandeli phambilini uLyle Lakay.

Lo mdlali wasemuva bekukhalisa abaningi ukusala kwakhe kwiBafana phambilini kodwa kuthe ngoLwesibili uHugo Broos wamfaka eqenjini azokhetha kulo azodlala ngalo eyobungani neFrance neGuinea.

IBafana izongcwekisana neGuinea ngoMashi 25 bese kuthi ngoMashi 29 izwane amandla neFrance ezobe izilungiselela ukuyovikela iNdebe yoMhlaba eQatar.

Baningi nabanye abadlali ababizile uBroos abaqalayo okukhona kubo uBandile Shandu we-Orlando Pirates noKhuliso Mudau weSundowns.

Umdlali othusile ukungena kwakhe kulokhu kube uThabang Monare wePirates kwazise useneminyaka engaphezulu kuka-30.

Kuzokhumbuleka ukuthi uBroos wayethe yena ngeke amfake kwiBafana umdlali oneminyaka engale kuka-30 ngoba ufuna ukuyakha kabusha iBafana.

UBroos uthe uzosebenzisa le midlalo ezayo ukulungisa iqembu lakhe ukuze kuthi kuqala imidlalo yokuhlungela iCaf Africa Cup of Nations ngoJuni seliwumshini.

“Kunezinselelo esazibalula ngemuva kwemidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba. Sizicubungulile sabona ukuthi kukhona la sibuthaka khona.

“Lokhu kwahlala obala ikakhulukazi emdlalweni wethu neGhana. Iqembu lalingawulungele umdlalo onjeyana,” kusho uBroos.

IBafana yashaywa yiGhana ngo 1-0 okwasho ukuphela kwamathemba okuya eNdebeni yoMhlaba eQatar ngasekupheleni konyaka.

FUNDA NALA: Usinde ejijimezwa ngommese umdlali weSundowns

“Ngakho le midlalo emibili izosisiza ukuzilungiselela. Yingakho kukhona abadlali abasha eqenjini. Sibabonile bedlala kahle emaqenjini abo, sesifuna ukubabona benza njani kwiBafana.”

Uthe leli qembu aliqokile lizomenza akwazi ukuzama izindlela ezintsha zokudlala okuzokhulisa iqembu likwazi ukumelana nezimo esihlukene enkundleni.

Lime kanje iqembu lakhe:

Epalini: Ronwen Williams, Veli Mothwa, Brandon Petersen noBruce Bvuma

Emuva: Sydney Mobbie, Rivaldo Coetzee, Siyanda Xulu, Rushine De Reuck, Khuliso Mudau, Terrence Mashego, Sbonelo Cele, Veluyeke Zulu, Nkosinathi Sibiso, Athenkosi Mcaba.

Esiswini: Thabang Monare, Goodman Mosele, Bandile Shandu, Ethan Brooks, Keagan Dolly, Teboho Mokoena, Mduduzi Mdantsane, Lyle Lakay.

Phambili: Fagrie Lakay, Evidence Makgopa, Victor Letsoalo, Percy Tau, Bongokuhle Hlongwane, Lyle Foster, Pule Mmodi.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.