UBroos usheshe wabona ukuthi ukweyisa kwakhe kuzomlambisa, waxolisa

Uphenduke igundwane uBroos esepholisa ngemuva luma kuze kuzwele
Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos usejikile ngokugxeka kwakhe ibhola lakuleli
Sbongs Gumbi

Umqeqeshi weBafana Bafana uBroos usejike ukucabanga njengoba esexolisile ngamagama alumelayo awasebenzisa echaza ngesimo sebhole kuleli.

UBroos, odabuka eBelgium, wakhuluma kwaze koma amathe ethi abadlali bakuleli amagobongo nje angenasizo lwalutho.

Waze wagcina esekhuluma nokuthi kwakhona ukuthi iNdebe yoMhlaba sayibona ngamehlo enyama kuleli yingoba kwakuyisipho nje.

Wangenelela nakwiPremier Soccer League ethi izinga layo liyihlazo yingakho engakwazi ukuthola abadlali abangawinisa iBafana.

Ekhuluma emhlanganweni weSafa ngoMgqibelo, uBroos uxolisile wathi okunye akusho akuphumanga ngendlela ayeqonde ngayo.

“Kumele silithuthukise izinga lebhola eNingizimu Afrika, libe sezingeni elikhokhelayo,” ucashunwe esho kanje ngabeSABC Sport ngeSonto.

“Lokhu ngikusho ngikususela kumava enginawo. Ngingowase-Europe futhi khona izinto zenziwa ngendlela ehlukile kunalapha e-Afrika.

“Kodwa nginaso nesipiliyoni salapha e-Afrika njengoba ngasebenza iminyaka emibili eCameroon kanti uma ngiqhathanisa izimo kungcono kakhulu kuleli.

“Yingakho ngithi akufanele ukuthi iNingizimu Afrika ayikho emaqenjini aphambili nasatshwayo e-Afrika futhi lokho yinto engicabanga ukuthi kumele siyijike kule minyaka ezayo.”

“Ngifisa ukuxolisa ngalezi zinto engizisho emhlanganweni nabezindaba ngoLwesibili ngoba ikhombise ukungasihloniphi lesi sizwe.

“Leyo bekungeyona inhloso yami. Ngifike lapha esikhathi esingangonyaka esidlule kanti engikufisayo wukwenza ibhola libe ngcono.

“Ngicabanga ukuthi sisendleleni efanele kodwa usemningi umsebenzi ophambi kwethu. Ngethemba ukuthi isizwe sonke sizoseseka njengoba sizama ukuguqula izinto.”

UBroos ube esenxenxa ukuthi kubambiswane ukuthi kuthuthuke ibhola, kuthi noma kunyathelwene amakhona kusheshe kudluliswe.

FUNDA NALA: IChiefs ikhala ngenzondo ekhonjiswa amaqembu kuyo uma ifuna abadlali bawo

Uthembise nokuthi usamile kwakuthembisa ukuthi iBafana izobe ikhona kwiCaf Africa Cup of Nations elandelayo neNdebe yoMhlaba ka-2026.

“Ngizokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi siyangena kwi-Afcon yangonyaka ozayo. Ngizokwenza konke ukuqinisekisa ukuthi sizobe sikhona eNdebeni yoMhlaba ka-2026.

“Ngiyazi leli lizwe lingakwazi ukukwenza kwenzeke lokho. Kodwa sizodinga wonke umuntu kuleli, hhayi mina noma iSafa kuphela – kodwa wonke umuntu ongakwazi ukusiza ukuba asilekelele.

“Nginesiziniseko singakwazi ukuqinisekisa ukuthi iBafana ikhona kuyo yonke imiqhudelwano ye-Afcon kusuka ngonyaka ozayo kube kufikwe kwiNdebe yoMhlaba ka-2026.”

IBafana iwuqale kabi umkhankaso wayo njengoba ithole induku ka 2-1 kwiMorocco. Nokho amathuba asemahle ikakhulukazi njengoba iZimbabwe yakhishwa kule midlalo yokuhlunga.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.