UBroos uthi ngeke bakhale kakhulu uma bebambane neGhana

UBroos uthi ngeke bakhale kakhulu uma bebambane neGhana
UHugo Broos noPercy Tau
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos uthi uma behluleka wukuwina bazokwamukela ukubambana neGhana ngoMsombuluko ngo-6 kusihlwa.

IBafana izogadulisana neGhana emdlalweni wayo wesibili kweyokuhlungela ukungena kwiNdebe yoMhlaba ezoba seQatar ngonyaka ozayo.

Emdlalweni wokuqala iBafana idlale umbozo futhi ibe nenhlanhla yokubuya nephuzu kwiZimbabwe ababambane nayo ngo 0-0 ngoLwesihlanu.

IGhana yiyo ezihola phambili eqoqweni ngemuva kokushaya i-Ethiopia ngo 1-0 emdlalweni wayo wokuqala ngoLwesihlanu.

“Uma ufuna ukungena kwiNdebe yoMhlaba kumele uwine imidlalo yasekhaya,” usho kanje uBroos ekhuluma nezintatheli ngeSonto.

“Kodwa ngisho singabambana neGhana, sizobe singalahlekile kakhulu ngoba sizobe sisekhona embangweni.

“IGhana zoba namaphuzu amane mhlawumbe neZimbabwe nayo ibe namane (uma iwinile kwi-Ethiopia),” kuchaza uBroos.

Yiqembu elinqobile eqoqweni kuphela elizongena kwiNdebe yoMhlaba. Indlela eqale ngayo ngaphansi kukaBroos iBafana ayithembisi neze.

“Yonke imidlalo ibalulekile. Akumele uhlale kakhulu kosekwenzekile. Ngizobona kulo mdlalo ukuthi abafana bami sebekulungele yini ukudlala kuleli zinga.

“IGhana yilona qembu elihle kuleli qoqo lethu. Besifuna ukuwina (sibhekene neZimbabwe), kodwa ke asiwinanga akusenani.

“Sizophinde sizame futhi kulo mdlalo olandelayo. Ukuthi kuzosihambela kanjani nami angazi. Mhlawumbe uma sesibhekene ne-Ethiopia kuyodingeka ngenze izinguquko.

FUNDA NALA: Kume umdlalo kukhishwa abadlali enkundleni ngenxa yemigomo yeCovid eBrazil

“Yiqembu labafana abasebancane, basazodinga imidlalo eminingi kuleli zinga,” kulanda uBroos.

Kuzoqapheleka ke ukuthi usejika ukukhuluma uma esekhuluma ngokushintsha iqembu emidlalweni ezayo.

Phela efika lo mqeqeshi wathembisa ukuthi uzoyakha kabusha iBafana ngabadlali abasebancane nokuyinto ayenzile ngaleli qembu aliqokile.

IGhana izodlala bengekho abadali bayo abayisikhombisa abadlala kumaligi amakhulu e-Europe njengoba benqatsheliwe ukuza kuleli ngenxa yeCovid-19.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.