UBroos uthi wake wambiza uDolly kwiBafana wenqaba

UBroos uthi wake wambiza uDolly kwiBafana wenqaba
UKeagan Dolly
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

Sekuvele ukuthi umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uke wamqoka phambilini uKeagan Dolly weKaizer Chiefs kodwa wenqaba ukuza ekhempini.

UDolly ubuyele eqenjini lesizwe njengoba engomunye wababizwe nguBroos kuleli sonto.

Leli qembu lizogadulisana neZimbabwe neGhana emidlalweni yokuhlungela ukungena kwiNdebe yoMhlaba.

Le midlalo izoba ngeviki elizayo kanti sekungeyokugcina esigabeni samaqoqo. Uma iqeda phezulu, iBafana izodlulela phambili.

UDolly ubuyiselwa nje uvele usefomini enhle futhi nguye obukeka esiza iChiefs ikwazi ukudlala kahle.

UBroos wambiza nangesikhathi bezodlala owokungcwekisana ne-Uganda ezinyangeni ezimbalwa ezidlule kodwa akangaphumelela.

“Akukhona okokuqala ngiqoka uKeagan Dolly. Ngesikhathi ngisanda kufika kuleli ngamqoka sizobhekana ne-Uganda.

“Kodwa wacela ukuthi angezi ngoba umkakhe wayeyoteta ngaleso sikhathi.

“Angikuzwanga ke kahle lokho mina kodwa ke akusenani,” kuchaza uBroos kwiSAfm.

FUNDA NALA: Ihlazo kumiswa umdlalo wePSL ngenxa yamajezi

Umqeqeshi weChiefs, uStuart Baxter yena uthe kumfanele uDolly ukubizelwa kwiBafana.

“Kumfanele impela,” usho kanje uma ebuzwa ngalokhu ngemuva komdlalo wezakhe neStellenbosch ngoLwesibili.

“Usebe nemidlalo emihle kakhulu. Usebenze ngokuzikhandla futhi usekhombisile kusukela abuya kuleli ukuthi akafani nalaba abanye.

“Uyakhombisa ukuthi usenamava athe xaxa awathole edlala phesheya kwezilwandle. Udlala kahle kakhulu.”

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.