UBroos uyakhala ngonompempe, kodwa hhayi ngephenathi

UBroos uyakhala ngonompempe, kodwa hhayi ngephenathi
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uyakhala ngonompempe obedlalisa ezakhe zishaywa yiGhana ngeSonto kodwa hhayi ngephenathi.

IBafana ishaywe ngo 1-0 yiGhana kanti igoli kube yiphenathi engacacile neshiye abaningi nethwele izandla ekhanda kuthi abazisacaze phansi.

Kodwa uBroos akazange asho lutho ngale phenathi ngesikhathi ekhuluma ngemuva komdlalo yize ekhalile ngonompempe.

Akuvezile uBroos wukuthi unompempe ubeyiyeka iGhana uma iqinisa unyawo kodwa akhuze uma kwenziwa abeBafana.

IBafana isale ngaphandle ayangaqhubekela phambili kule midlalo yokuhlungela ukungena kwiNdebe yoMhlaba ngenxa yesibalo samagoli.

“Okokuqala nje, ngifisa ukubongela iGhana ngokululela phambili esigabeni esilandelayo sokuhlunga.

“Ngakolunye uhlangothi ngibongela nabadlali bami ngoba sidlale umdlalo onzima ezimweni ezingelula.

“Besidlala neqembu ebeliqinisa unyawo kakhulu futhi lisixina. Futhi ke unomepmpe ubebayeke baqinise unyawo.

“Kodwa thina ubengasivumeli senze kanjalo. Ngakho bekunzima kithi ukuthi sithole umphumela omuhle lapha,” kusho uBroos.

Yena into agxile kuyo wukuveza ukuthi lukhona ushintsho kwiBafana futhi seyingcono kunalokhu ayifica iyikho.

“Uma ubheka izinto esizenzile kulezi zinyanga ezintathu ezidlule, ngingasho ngithi ngiyaziqhenya impela.

“Uma bewungabuza ngaphambi kwale midlalo yokuhlunga ukuthi iNingizimu Afrika izohamba kanjani, akekho obengathi singaba phambili eqoqweni kuze kufike emdlalweni wokugcina.

“Sekuphinde kwaba neqembu lesizwe eNingizimu Afrika kanti yilokho okubalulekile.

“Engingajabule ngakho unompempe ngoba ubengasivumeli thina senze okwenziwa yiGhana,” kusho yena.

FUNDA NALA: ISafa seyisifakile isikhalo ngonompempe obambe iBafana ngophondo

Ebuzwa ngale phenathi esuse umsindo njengoba kubonakale sengathi uRushine De Reuck akazange amthinte uDaniel Amartey ovele wawisa okwesaka lempuphu, uBroos uthe akabonanga.

“Angazi kwenzekeni laphaya. Kuvele kwashesha nje ngabona sekunomdlali osewile.

“Angazi ngampela kwenzekeni… ngabe kukhona okwenzekile noma cha, angazi, angibonanga kahle.

“Kodwa ngibonile ukuthi abadlali bami kubethusile ukubona unompempe elikhomba emlotheni,” kusho uBroos.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.