UBroos uzowaqeda amakhona abantu ngoba uyazikhulumela

UBroos uzowaqeda amakhona abantu ngoba uyazikhulumela
UHugo Broos
UMBONO
UBHALWE: Thulisile Miya
ISITHOMBE: Twitter

Kule mpelasonto silindele imidlalo emikhulu yeqembu lesizwe iBafana Bafana njengongoba lizobhekana ne-Ethiopia kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba.

Kule midlalo yomibili ngilindele ukuthi lenze kahle iqembu lakithi ngoba kumele nakanjani siye eQatar ngonyaka ozayo.

Phela miningi manje iminyaka singangeni kule midlalo ebaluleke kangaka ebholeni lomhlaba.

Selokhu efikile umqeqeshi omusha uHugo Broos ziningi izingukuqo ezikhona eqenjini lesizwe.

Nendlela nje enza ngayo izinto lo mqeqeshi yehlukile kunesiyijwayele thina lapha kwelakithi.

Lokhu sekwenze abanye bamngabaza kodwa abanye bayijabulela indlela asebenza ngayo.

uBroos usekuveze ngokusobala ukuthi yena akesabi ukukhuluma amaqiniso noma ngabe ayihlazo.

Izinto uzibeka ngembaba. Uthe efika nje wakubeka kwacaca ukuthi yena akabadingi abadlali asebekhulile.

Lesi sinqumo senze sabona abadlali abancane abenokhono elimangazayo kodwa abebengalinikwa ithuba lokudlala ngaphambi kokufika kukaBroos.

Nginesiqiniseko manje ukuthi abadlali abanjengo-Ethan Brooks sebesikhombisile ukuthi bakulungele ukufela
enkundleni.

Ukuzikhulumela kwalo mqeqeshi sekumdalele amazinyo abushelelezi kwabaningi.

Uvele wakuveza kalula nje ukuthi wanqatshelwa ukungena e-Orlando Stadium efuna ukubukela umdlalo phakathi kweSundowns nePirates.

Omunye umqeqeshi ubezothula angazivezi lezi zindaba kodwa uBroos indoda engafeli ngaphakathi.

Akagcinanga lapho, uphinde waveza ukuthi wacela umhlangano nabo bonke abaqeqeshi bamaqembu.

Kodwa isicelo sakhe asiphumelelanga nakholwa ukuthi kukhona abantu abangafuni ukubona iBafana iphumelela.

Mina ngikubona kuyinto enhle ukuthi umqeqeshi akhulume uma kukhona izinto ezingaphethe kahle.

Abaningi bayathula, bakhulume ngoba sebexoshiwe okwenz akube sengathi usekhulunyiswa wubuhlungu bokuxoshwa.

Kuzokhumbuleka ukuthi uShakes Mashaba ngomunye umqeqeshi owayezikhulumela ngesikhathi eqeqesha iBafana kodwa akugcinanga yena.

Waxoshwa ngoba wayeveza amahlazo njengoBroos. Kukhona vele asebekhuluma ukuthi izinsuku zalo mqeqeshi sezibaliwe.

Phela ngemuva kwesigameko sase-Orlando, kwaphoqeleka ukuthi iPSL ikhiphe isitatimende ixolise kumqeqeshi ngoba ibona abenza iphutha.

FUNDA NALA: ISekhukhune izonikwa indebe yayo ngoLwesithathu

Yathi yiyo engazange ikhulume namaqembu ukuthi kuvunyelwe umqeqeshi azobuka umdlalo.

Kukho konke okwenzekayo eqenjini lesizwe noHugo Broos mina ngifuna iqembu lihambe liye eQatar ngonyaka ozayo.

Ngicabanga ukuthi yilokho kuphela okuyokwenza siyeke ukumngabaza lo mqeqeshi.

Yena usekhombisile ukuthi uyindoda enesibindi futhi engesabi muntu.

 

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.