Ubudlelwano be-Arrows nePirates bubi ngoba bubukhali nganxanye

Ubudlelwano be-Arrows nePirates bubi ngoba bubukhali nganxanye
U-Irvin Khoza noMato Madlala
UMBONO
UBHALWE: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Google

Ubudlelwano babantu abathile osuke ungangene kubona kuhlale kunzima kakhulu ukubuqonda. Kwesinye isikhathi kwala ngisho usuzama ukuzidlisa satshanyana kodwa ungatholi ukuthi ngempela into yabo ihamba kanjani.

Nokho uye ubone bezikhululekele bona, bengenayo nencane inkinga. Yilaphoke ovele ubone khona ukuthi kumele uphume ezindabeni zabo ngoba besese bona.

Ngeke ngikwazi nokho ukuphuma endabeni ethinta ubudlelwano beLamontville Golden Arrows ne-Orlando Pirates. Nomake ngithi ubudlelwano obuthinta u-Irvin Khoza noMato Madlala?

Vele ekugcineni yibona abathatha izinqumo ngamaqembu abo. Uyazi sekuyisikhathi ngizibuza ukuthi i-Arrows iyinkulisa yePirates yini kanti. Empeleni nje ngingabala inqwaba yabadlali abasuka kwi-Arrows baye kwiBucs.

Abanye baze babuye babolekiswe kubona Abafana Bes’thende kade bethengwe khona kuleli qembu laseThekwini. Akukho okubi ngokusebenza ngokubambisana kanje kukaKhoza noMato, ikakhulukazi uma bevumelana njengabaphathi bamaqembu.

FUNDA NALA: IPirates seyimsayinile uSibisi, sekuseduze iqede noMlungwana

Kodwa ngithanda ukushaya amakhala kakhulu kulokhu uma ngibona iPirates ilokhu ixebula nje kwi-Arrows. Okungihlupha kakhulu ukuthi Abafana Bes’thende bashaye into ecokeme kakhulu ngesizini edlule, nokuyinto obekuqala ukuthi yenzeke esikhathini eside.

Nakhoke sekuvele kuhamba umqeqeshi uMandla Ncikazi oseqashwe yiPirates. Lokhu akungabazeki ukuthi kuzoyiphazamisa kakhulu i-Arrows eqede endaweni yesine kwilogi yeDStv Premiership ngesizini edlule.

Ayigcinanga lapho iBucs njengoba kusanda kuvela ukuthi isayinise uNkosinathi Sibisi, kanti ibheke ukuqeda konke noSifiso Mlungwana. Laba ngabadlali abadlale kahle kakhulu kwi-Arrows ngesizini edlule.

Kuyavela futhi ukuthi iPirates bakhona abanye abadlali engase ibasayinise, abasuka kuyona i-Arrows, lingakavali iwindi. Ngiyazi abalandeli bebhola bazothi ngiyintatheli engalazi yini ibhola ukuthi liyibhizinisi.

Ngilazi kahle ibhola ukuthi kule minyaka esikuyona selaba yibhizinisi. Nokho engizibuza kona ukuthi kanti yona i-Arrows iyokwakha minyaka yonke, yakhela amanye amaqembu kuze kube nini?

Buka nje ngoba ngoba isanda kudedela uDivine Lungu osezoyibamba kwiMamelodi Sundowns. Ngazi kahle ukuthi uMato uhleka yedwa uma eya ebhange ngalaba badlali.

Ngiyazibuza nokho ukuthi kazi le Arrows yakhona izoqeda ikuphi ekupheleni kwesizini ezoqala. Kuyomele ibonge uma iqede kwiTop 8.

Inomqeqeshi omusha, uLehlohonolo Seema, kanti abadlali abebewumgomgodla weqembu ngesizini edlule, cisho izoqala isizini bengekho.

Ngabe yona ayifuni ukuwina okuthile kodwa ikhona nje kwiDStv Premiership ukuze idayise abadlali? Kubuhlungu ngoba phela le Arrows inabalandeli abafuna ukujabula ngelinye ilanga seyiphakamisa indebe.

FUNDA NALA: UNgcobo angase ashiye engakaligqoki nejezi kwiChiefs

Nanka amaqembu alingana nayo afana neTshakhuma (esibizwa ngeGallants) ayakwazi ukuwina okuthile. Leli qembu lizodlala kwiCAF Confederation Cup kulandela ukuwina iNedbank Cup ngesizini edlule.

Ngiyakuqonda ukuthi amanye amaqembu awanabo abaxhasi futhi athembele ekudayiseni abadlali bawo abanekhono ukuze azinze kwiPremiership.

Kodwa lobu budlelwano be-Arrows neBucs bubuye bungishayise nenzululwane ehambisana nokukhulu ukudideka njengomuntu waKwaZulu-Natal. Shwiii!!

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.