Ubukeka ethembisa uSamu weTeam of Choice

UFriday Samu
Sihle Ndlovu

Umgadli omusha weMaritzburg United, uFriday Samu, ubukeka ethembisa kakhulu kule midlalo emibili aseyidlalile kwiTeam of Choice.

Lo mgadli waseZambia udlale okokuqala egqoke imibala yeTeam of Choice ngesikhathi ibhekene neSuperSport United koweNedbank Cup Last 32 ngeledlule.

Kulo mdlalo udlale kahle kakhulu yize iqembu lakhe ligcine lishaywe ngo 1-0, laphuma kwiNedbank Cup. Nokho kubukeka sengathi uyifundile iSuperSport njengoba ephinde washaya into ecokeme bebhekene nayo koweligi ngoLwesibili ebusuku.

USamu (26) ubewuhlupho kakhulu kwizitobha zaMatsatsantsa a Pitori ikakhulukazi ngesiwombe sokuqala. Ugcine ewutholile umvuzo eshaya igoli lakhe lokuqala kwiTeam of Choice ngaphambi kokuthi ziye ekhefini.

Uphinde waba nesandla futhi egolini lesibili elishaywe nguRowan Human njengoba kunguyena omphasele elihle ibhola ebhokisini.

Lo mgadli onamahloni uqokwe njengomdlali wosuku kulo mdlalo obushisa eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.

“Ngiyajabula ukuthi siwinile namuhla okuyinto ebesiyidinga kakhulu,” kusho yena ngemuva komdlalo kafushane.

Mayelana nokudlala kahle noHuman uthe: “Uma siziqeqesha siyazama ukuthi sazane kangcono njengabadlali. Ngiyethemba sizoqhubeka kahle.”

Kubagadli baseZambia abafike kuleli bashaya into ecokeme singabala uCollins “Ntofontoto” Mbesuma, Christopher Katongo nabanye.

Kuzocaca maduze ukuthi uSamu uzokwazi yini ukuhamba ezinyathelweni zabo. Ufike kuleli evela kwiGreen Buffaloes yaseZambia abesehlohle kuyona amagoli angu-14 emidlalweni engu-18.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.