Ubulawe umbani esajabulela ukusayina kwiSundowns owaseLimpopo

Ubulawe umbani esajabulela ukusayina kwiSundowns owaseLimpopo
ULesiba Ramabulane
OkaDonga Gumbi

Ushone kwasala kusolwa ubuthakathi umfanyana waseLimpopo oshaywe wumbani, kungakapheli nazinsuku esayine kwiMamelodi Sundowns.

ULesiba Ramabula, oneminyaka engu-21 waseSeshego, kuthiwa ubezihlalele nabangani bakhe abebezomhalalisela, kulandela ukuthathwa kwakhe yiqembu leDStv Diski Challenge leSundowns.

Bekulindeleke ukuthi kudlule izinsukwana bese elibangisa ePitoli, ukuyojima naleli qembu kodwa akwabe kusenzeka.

Lo mdlali wasesiswini, obeteketiswa ngelikaMaestro, kuthiwa ubesemgwaqeni ngakubo ngesikhathi izulu lihloma isigubhekane, ngokubika kwabeScrolla.Africa.

Libe seliduma, kwaqhuma umbani ovele wagadla kuLesiba. Uphuthunyiswe esibhedlela kodwa akangabe esafika khona njengoba eshonele endleleni.

Umphakathi ube ususola ubuthakathi, uthi kuyacaca kukhona abebenganeme ngokuthi usezophumelela ngebhola lakhe.

FUNDA NALA: Inyanga yodumo yeseka umshayisibhakela ohluliwe, ithi akanikwe impinda

Umphathiswa wezemidlalo eLimpopo, uNkakareng Rakgoale, uthe sebethumele osonhlalakahle abazokweluleka umndeni nabangani bakaLesiba ngemuva kwalesi sigameko.

“Sizowusiza umndeni ngakho konke okusemandleni kulesi simo obhekene naso, futhi sesiqalile ukwenza izinhlelo zokuthi bathole ukwelulekwa.

“Siyazi sinzima lesi simo emndenini njengoba ulahlekelwe yilungu lawo eliselincane, ebelinethalente futhi likhombisa ukuthi lizoya kude nebhola,” kusho uRakgoale.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.