UButhelezi weNongoma FC uveza okwacishe kwamyekisa ebholeni

UButhelezi weNongoma FC uveza okwacishe kwamyekisa ebholeni
UMusa Mazibuko noMbuyiseni Buthelezi
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Sihle Ndlovu

Ukaputeni weNongoma FC uMusa Mazibuko uthi bekunzima kakhulu ukunyukela kwiKZN ABC Motsepe League ngoba bebeshoda ngezinto eziningi.

Leli qembu laKwaNongoma selizodlala kwiMotsepe League ngemuva kokudla umhlanganiso kwiSAB League.

Umasipala waKwaNongoma uhalalisele leli qembu ngoLwesine waphinde wathembisa ukuthi uzolixhasa ngalokho anakho.

“Bekunzima kakhulu Nkosi yami ngoba besingenazo izinto eziningi zokudlala, amanye amaqembu enazo.

“Kodwa sizamile ukuthi sidlale kahle siwine yize bekunzima kanjalo,” kusho uMazibuko.

Uthe emidlalweni yokuhlunga bekushubile kodwa basebenzise ukuthi amanye amaqembu abebeya.

“Amaqembu amaningi abesithatha kancane. Besingenayo imoto yeqembu, singenawo ama-track suit, singenalutho.

“Besiphethe nje amakhokho nebhola ukuthi sidlale kuphela. Amaqembu abesithatha kancane impela, sakhona kodwa
ukuwashaya,” kuchaza uMazibuko.

Uthe unethemba elikhulu lokuthi bazokwazi ukuyibamba ishisa kwiMotsepe League yize nakhona ishisa insimbi.

“Sizozama ngakho konke okusemandleni ukuwina ukuze sijabulise abantu baKwaNongoma.

“Kusijabulise kakhulu ukunyukela kwiMotsepe League, abadlali nabaphathi ngokufanayo.

“Indlela yethu yokuziphatha ithe ukushintsha kancane, bazimisele bonke abadlali.”

Uphethe ngokuthi bayaludinga kakhulu uxhaso ngezinto eziningi okumbandakanya nemoto yokuthi bafinyelele emidlalweni kalula.

Umphathi weqembu uMbuyiseni Buthelezi uthe kade begudla naleli qembu besuka phansi lisasungulwa ngo-2013.

“Ngisuke kwiDsrtict neqembu ngaze ngafika kwiSAB League. Ngishikile kakhulu kwiSAB League yize kade ngifika nakweyokuhlunga,” kusho uButhelezi.

“Nokho kulokhu ngibabhaxabule kakhulu. Kwiligi ebengidlala kuyona alikho iqembu elingidlile…

“Kuthe noma sengifika kweyokuhlunga ngawashaya wonke, ngangena kwiMotsepe League.”

Uthe wake wacishe wadikibala ngesikhathi ehlukumezeka ebholeni.

“Ngaleso sikhathi ithimu yami yayiphezulu kwilogi kodwa babelokhu bethi nginamacala engingawazi ukuthi ayeqhamuka kuphi.

FUNDA NALA: Izizathu ezingenza iPSL inqabe ukudedela abalandeli

“Ngacishe ngashiya phansi.” UButhelezi unethemba elikhulu lokuhlala kwiMotsepe League angabe esabheka
emuva lapho eshikile kakhulu khona.

“Ithemba nginalo futhi likhulu. Laba bafana ngiyabethemba kakhulu. Akukho lapho kuxega khona kubadlali.

“Kodwa abaqeqeshi yibona okumele baqede ukwethuka. Akumele babuke abanye abaqeqeshi bese bengenwa uvalo.

“Uyabona nje siyobhekana noClinton Larsen oqeqesha iSummerfield. Abangakunaki ukuthi ugijime ezingeni eliphezulu.

“Abazethembe, ibhola liyafana liyinto eyodwa yonke indawo,” kuphetha uButhelezi.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.