Ubuthuntu babagadli boSuthu bumlalisa obenyoni uMcCarthy

ULehlohonolo Majoro ongomunye wabagadli baMaZulu FC abaphathisa umqeqeshi uBenni McCarthy ngekhanda

OKADONGA GUMBI

Ngezikhathi zakhe, uBenni McCarthy wayekwenza kubukeke kuyinto elula ukubhakuzisa inethi, futhi yingakho nje kumkhathaza emoyeni wakhe ukuba buthuntu kwabagadli bakhe kuMaZulu FC.

uMcCarthy uveze ukukhathazela kwakhe kuleli sonto ngokuhluleka kwabagadli bakhe ukusebenzisa amathuba abawatholayo okushaya amagoli nosekuholele ekutheni balahlekelwe amaphuzu emidlalweni edlule.

Lokhu kwenza kubukeke kuya ngokuqansa kuleli qembu laseThekwini ukuthi lingakhona ukufeza isifiso sikasihlalo omusha weqembu, uSandile Zungu sokuba liqede emaqenjini amane aphezulu kwiDStv Premiership.

Emidlalweni emihlanu edlule, Usuthu luqoqe amaphuzu ayisithupha kwangu-15 ebelingawathola ukuba liyiwinile le midlalo. Badlale ngokulingana kathathu, bahlulwa kanye base bewina owodwa.

“Sikukhombisile ukuthi siyakwazi ukudlala kule midlalo embalwa edlule,” kusho uMcCarthy. “Imidlalo isondelene, kodwa lokho kusisizile ngoba abadlali sebazana kangcono ngenxa yokudlala njalo. Sebeyakuqonda nesikufuna kubo,” kusho yena.

“Sekusele ukuthi sithi ukuba bukhali phambili, uma kungalunga lapho isimo songaba ngcono kakhulu. Sidlala ibhola elikhangayo, futhi alikho iqembu elisithwalisa ubunzima, kodwa ukubhacaza uma sesiphambi kwamapali kusibuyisela emuva.

“Siyeka imidlalo elula, bese sigcina sesilahla amaphuzu, kodwa nginethemba lokuthi ukushaya kwethu iBaroka kuzosikhuthaza, kusinike nomfutho,” kubeka uMcCarthy owawina i-Uefa Champions League neFC Porto yasePortugal esengumdlali.

Kuzomele athiphe abagadli bakhe, okungoLehlohonolo Majoro, Bongi Ntuli, Siphelele Mthembu no-Augustine Mulenga ngamacebo ayewasebenzisa ukuze abe ngumgadli ovelele ngokushesha ukuvika isimo la bezozithola sebesendaweni engeyinhle kwiligi.

Njengamanje AmaZulu asendaweni yesishiyagalolunye kanti asenamaphuzu angu- ngemuva kwemidlalo engu-13, asalele emuva ngangu-16 kwiMamelodi Sundowns eqwhakele, bese eshiya iTshakhuma Tsha Madzivhandila esemsileni ngayisithupha.

UMcCarthy uzothemba ukuthi abagadli bakhe bazokwenza kangcono uma sebebhekene neStellenbosch eKings Park Stadium ngoLwesihlanu ntambama

“Kuzoba wumdlalo onzima. Uma wababona bedlala neChiefs uzokhumbula babeshisa kanjani, babezikhandla. Babehlasela ngesivinini.”

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *