Ubuyela emgwaqeni umjaho okhula ngamandla Ethekwini 

UMbali Xaba

ALFRED NGUBANE

Kuzoguga iteku emjahweni waminyaka yonke, iBest of the Best Ethekwini ngenyanga ezayo. Lo mjaho uhlelwa amaRavens Athletic Club. Kulindeleke uhehe izinsephe kwezokusubatha kodwa bazoqinisekiswa kahle ngasekupheleni kukaMeyi.

UMbali Xaba, okhulumela AmaRavens utshele Impempe ngoLwesithathu ukuthi sebemi ngomumo ngamalungiselelo. Sekuvuliwe nokungenela lo mjaho kanti kuvuleleke kubasubathi bakuleli, abazwenikazi nasemhlabeni wonke.

“Okwamanje ngeke ngokunike amagama abasubathi abaziwayo esizoba nabo kulo mjaho ngenxa yokuthi abasubathi abaningi abadumile bazobe begijima kwi50 KM ePort Elizabeth ngoMeyi 28.

“Ngemuva kwalapho siyobe sesikhipha uhlu lwabasubathi abaziwayo,” kuchaza uMbali. Uphinde wakuveza ukuthi abazukuba nawo u-42 KM genxa yokuthi abasubathi abaningi kade bagcina ukugijima amabanga amade.

“Kodwa sizoba nawo owebanga lika-21 KM,” kusho yena. Uthi banovadlwana ngokuqubuka kwehlandla lesithathu lomkhuhlane oshiywa kukhala, iCovid-19.

“Sinalo leli twetwe, kodwa konke sesikubeke ezandleni zoMdali. LO mjaho ungomunye wekhula ngamandla KwaZulu-Natal ngakho ubalulekile ikakhulukazi njengoba kade kunendlala yayo,” kusho uMbali.

Lo mjaho uzosuka eKingspark Athletic Staduim uphinde uphelele khona. UMbali ube esenxenxa abantu ukuba bangawesabi umgomo wokuvikela ukutheleleka ngeCovid-19.

“Sicela bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bahambe beyogomela isifo seCovid-19 ezindaweni lapho behlala khona. Lokhu kuzosisiza sikwazi ukunqanda lolu bhubhane,” kusho uMbali.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *