Ubuyele kwiBafana uNtseki, useyiphini likaBroos

UMolefi Ntseki

OKADONGA GUMBI

Ugcine evume ukwehliselwa esikhundleni sokuba yiphini lomqeqeshi weBafana Bafana uMolefi Ntseki owaxoshwa kwesokupheka leli qembu ngenyanga edlule.

Nokho iSafa yabuye yayihoxisa incwadi eyayimazisa ngokuxoshwa kwakhe kulandela ukuba ezwakalise ukungeneliseki. ISafa yabe seyimkhethisa phakathi kokuthi enyukele kwesokuba ngumphathi wethimba labaqeqeshi noma ehlele kwesokuba yiphini.

Kuthe uma kuqashwa uHugo Broos ofike kuleli ekuqaleni kweviki, waveza ukuthi usenalo iphini asuka nalo phesheya, useshoda ngelakuleli. Uthe usazohlala phansi nabaqeqeshi abahlukene abasezinhlakeni zeSafa ukuthola ukuthi ngubani angasebenza naye.

Ulikhiphe okokuqala igama likaNtseki ngesikhathi ekhuluma nabeSAfm ngoLwesihlanu kusihlwa. Iphini lakhe lokuqala nguCedomir Janevski waseMacedonia. Yena umethule ngesikhathi enomhlangano nabezindaba ngoLwesine.

“Iphini lami lakuleli ngulowo obengumqeqeshi weBafana, uMolefi Ntseki. Ngihlanganile naye kwaze kwaba kabili. Ungumqulu wolwazi lwabadlali, ubazi kahle bonke abadlali bakuleli futhi akanankinga nokuba yiphinda abe yiphini. Kuhle lokho, ngimbuze mina ngokwami,” kusho uBroos.

Lo mqeqeshi odabuka eBelgium uzoke athi hulukuqu kwelakubo ngasekupheleni kwenyanga njengoba eyothola umjovo wokugomela iCovid-19. Uyobe esebuya esezoqala ukusebenza.

Ube nenhlanhla ngoba iCAF inqume ukuyihlehlisela uSepthemba imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba okuzomnika ithuba elikahle lokubheka abadlali azogadla ngabo uma esebhekene neGhana, Zimbabwe ne-Ethiopia.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.