Ubuyelwe yithemba uBaxter iChiefs ikhombisa ubungozi kwiChippa

Ubuyelwe yithemba uBaxter iChiefs ikhombisa ubungozi kwiChippa
OkaDonga Gumbi

UStuart Baxter usale eechazekile ngokudlala kweqembu lakhe ngesikhathi libaxabula iChippa United ngo 3-1 ngoMgqibelo kusihlwa.

IKaizer Chiefs ikhombise ukuthi iyakwazi ukulwa kulo mdlalo weDstv Premiership obuseNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.

Nokho ukucabanga ukuthi iChiefs isangayifica iyidlule iMamelodi Sundowns kodwa sebengayibeka esikalini ukuze uma kwenzeka iqhuzuka.

Amakhosi azilimaza ngesikhathi eshaywa yiGolden Arrows okwawafiphaza amathuba ayo okuwina isicoco seligi.

Abuye abuyela emgqigqweni esebhekene neChippa akwazi ukuthola amaphuzu amathathu ayenze sala ngangu-13 kwiSundowns.

“Ngicabanga ukuthi umdlalo ube nezigaba ezimbili; bekungumdlalo onzima kubadlali ngoba bekumele baqine ezingqondweni kwazise uma sike sahlulwa bekuzocaca ukuthi isizini yethu seyibhedile.

“Manje sesingaqhubeka nesizini, sizame ukuzingela. Bekubalulekile ukuthi siwine. Yonke imidlalo ukusuka manje isifana nemidlalo yamanqamu.

“Ngikjabulile ngendlela esidlale ngayo emizuzwini engu-70 kule engu-90. Bekunezigaba kuzo zombili iziwombe la besingazinikeli.

“Besibuye sibayeke, singenzi izinto ezifanele ekubeni uma senza izinto ezifanele besidlala ibhola elihle,” kusho uBaxter.

FUNDA NALA: UPitso ufuna uGavin Hunt azosebenza e-Egypt

“Ngikholwa wukuthi lo mphumela ufanele, Ngicabanga ukuthi amagoli abengaba maningi kunalawa. Nabo bebengalishaya elinye kodwa ibhola labo lizishayise epalini.”

UBaxter wenze izinguquko eziwujikile umdlalo kulokhu njengoba oKeagan Dolly noCole Alexander befike bashaya amagoli. NoKearyn Baccus udlale kahle kakhulu.

“Izinguquko sizenze ngezikhathi ezifanele… uCole ubebukhali, uKeagan ubebukhali. Yilokho ebesikudinga ngoba nesifuna ukujika indlela esidlala ngayo.

“Ngijabule ngamaphuzu amathathu ngoba asho ukuthi sesingaqhubeka sibe nenthenjana futhi sekuzokwenza nabanye babe nengcindezi yokua kithi bezofuna amaphuzu.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.