UBvuma ufuna babusise uMotaung ngenkanyezi ejezini leChiefs

Bruce Bvuma Kaizer Chiefs
UBruce Bvuma
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Kufanele ukuba yinto emkhathazayo usihlalo weKaizer Chiefs ukuthi emaqenjini amakhulu kuleli ngelakhe kuphela elingenayo inkanyezi ejezini lalo. Angithi le nkanyezi ebangenhla kwebheji yeqembu iwuphawu lokuthi iqembu selike lawina iCAF Champions League.

Lokho yinto iChiefs engakayenzi kuze kube manje yize inomlando omude wokudla izindebe kuleli. Kodwa lokhu kungashintsha kulo nyaka njengoba iChiefs seyihambe yafika emidlalweni eyandulela owamanqamu.

IChiefs kulindeleke iphume kuleli ngoLwesibili kusihlwa ilibangise eMorocco la izodlala khona neWydad Athletic eStade Mohammed V, eCasablanca ngoMngqibelo ngo-9 ebusuku.

Unozinti waleli qembu laseNaturena, uBruce Bvuma uthi sebebheke ukusidla lesi sicoco ukuze bahloniphe ngaso umsunguli weqembu, uKaizer Motaung.

“Iqembu elikhulu njengeKaizer Chiefs kufanele ukuthi ngabe lihlezi lidlala kuleli zinga isizini nesizini,” kusho lo nozinti. “Siyazi ukuthi asinayo inkanyezi ebhejini yeqembu, futhi kungaba yinto enhle ukuwina lo mqhudelwano njengesipho sikasihlalo wethu.

“Uma ubheka isizini esibe nayo, lokhu kungavuselela nabalandeli bethu, kubenze baphinde bajabule,” kuchaza uBvuma.

Amakhosi abe nesizini azofisa ukusheshe akhohlwe yiyo. Kwakuthi angenile kwiTop 8 kube yisimanga njengoba kwenzeke ngemidlalo emibili yokugcina.

Kodwa njengoba iChiefs ibizifanela nekati elizelayo nje emidlalweni yakuleli, beyifike iphenduke ingwe elimele efuna ukuziphindiselela kwiChampions League. Yingakho nje namanje isikulo mzuliswano ekuwo.

“Sijabule njengoba siya emdlalweni eyandulela owamanqamu… futhi ngikholwa wukuthi siwulungele kahle umdlalo. Into esiyihlosile wukuthi sibuye sishaye igoli noma amabili… sibuye nokuthile, bese sibona ke ukusuka lapho ukuthi kwenzeka njani,” kusho uBvuma.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.