UBvuma usale ngaphandle kweleChiefs elizodlala neWydad

UBvuma usale ngaphandle kweleChiefs elizodlala neWydad
UDaniel Akpeyi
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter
Akukacaci ukuthi kwenzekeni ngonozinti weKaizer Chiefs, uBruce Bvuma owayevimba ngisho impukane behlula iWydad Athletics ngo 1-0 ngempelasonto edlule.
UBvuma wavimba amabhola amabi abagadli beWydad ukusiza iChiefs ibuye nomphumela omuhle eMorocco njengoba yawina ngo 1-0. Kuthusile ukubona iqembu eliboshelwe yiChiefs emdlalweni womlenze wesibili igama likaBvuma lingekho.
FUNDA NALA: UManenzhe akaboni nkinga kwiPirates
Akekho ngisho ebhentshini uBvuma kulo mdlalo weCAF Champions League ozoba seFNB Stadium. Yize iChiefs ingakacacisi ngalokhu, kodwa cishe kube wukulimala okwenze asale ngaphandle.
Kungene uDaniel Akpeyi endaweni yakhe kwathi u-Itumeleng Khune wangena ebhentshini. IChiefs isethubeni elihle lokudlulela kowamanqamu njengoba idinga ukudlala ngokulingana kulo mdlalo wangoMgqibelo.
Kubukeka izophinde ipake isitimela futhi emuva iChiefs njengoba kulokhu idlala ngomgadli oyedwa okuwuSamir Nurkovic.
Ibophele kanje iChiefs: Akpeyi – Mathoho, Cardoso, Sasman, Ngezana, Frosler – Katsande, Blom, Parker, Ngcobo – Nurkovic.
Ebhentshini: Khune, Mphahlele, Baccus, Mashiane, Matsheke

Leave a Reply

Your email address will not be published.