UBvuma uvuma injabulo nobuhlungu akuzwiswa yiNedbank Cup

UBvuma uvuma injabulo nobuhlungu akuzwiswa yiNedbank Cup
UBruce Bvuma
OkaDonga Gumbi

Ngaphambi kokuthi aphendule ngesikhathi ebuzwa ngezinkumbulo zakhe ngeNedbank Cup unozinti weKaizer Chiefs uBruce Bvuma, uqale wadonsa umoya ngaphambi kokuphendula.

Lokhu kufanele ukuba kungenxa yokuthi lo mqhudelwano unezinkumbulo ezinhle nafisa ukuzikhohlwa kulo nozinti.

“Uhh… iNedbank Cup… uhm, lona ngumqhudelwano engaqala kuwo ukuthola ithuba lokudlala,” kusho uBvuma ngoLwesithathu.

“Ngesikhathi abaqeqeshi beqala ukungethemba benginika ijezi kwakudlalwa lo mqhudelwano. Ngiyazi mkhulu futhi ubaluleke kanjani.  

“Sesivele sikubheke ngabombu ukudlala kuwo. Sizobhekana neTS Galaxy okuyiqembu esilaziyo lidlala kanjani futhi ngikholwa wukuthi sizilungiselele kahle,” kwengeza uBvuma.

IChiefs izobhekana neGalaxy ngoFebhuwari 12 emdlalweni ozoba seFNB Stadium okulindeleke ushube kakhulu.

Phela angithi iyona iGalaxy le eyagila Amakhosi isilo sengubo eyibukisa nezwe eyishaya kowamanqamu ngo-2019 isadlala ehlathini. 

“Uhh… Ngidlala okokugcina kulo mqhudelwano kwaba buhlungu – yingesikhathi sihlulw ayiTS Galaxy kowamanqamu ngo-2019.

“Yingakho sesijahile nje ukudlala nabo ukuze sibasunduze endleleni bese sihambe size siyisinqoba lesi sicoco,” kusho yena.

UBvuma usanda kubuyela eNaturena njengoba kade eseqenjini leWarriors eliwine iDStc Compact Cup ngempelasonto edlule.

FUNDA NALA: Kuzoguga utshani kuhubhana iMC Tshatha XI nezikaSiyabonga Sangweni

Uthe efika nje eNaturena wayehlangatshezwa ngenkontileka entsha eqinisekisa ukuthi leli kuzoba yikhaya lakhe kuze kube ngu-2026.

“Bengilokhu ngizikhandla futhi ngisanda kubuya eqenjini eliwine iCompact Cup. Ngisanda kuvuselela nenkontileka yami.

“Kuyiphupho kimi ukudlala kwiKaizer Chiefs kanti lokhu kusho ukuthi ngisazoqhubeka nephupho lami. 

“Kungumusa kaMdali nje ngoba akukho okuyisiphesheli ngami, uma ngikhuluma iqiniso nje. Ngihlale ngithandaza nje bese ngisebenza kanzima, ngiziqhelelanise nezinto ezingangifaka enkingeni,” kusho uBvuma.

editor@impempe.com 

Leave a Reply

Your email address will not be published.