Ucacisa eyokuqalisa uLorch ebhentshini uZinnbauer wePirates

UThembinkosi Lorch
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

UJosef Zinnbauer uthi uphoqwe yisimo ukuba angamqalisi umdlalo umdlali okunuye obonakala engukhiye kwi-Orlando Pirates, uThembinkosi Lorch ngeSonto. IPirates beyibhekene neTS Galaxy emdlalwe weDStv Premiership eMbombela Stadium.

Iphume zehlile iziqhomo njengoba ishaywe ngo 1-0. Lokhu kuyithikamezile emizamweni yayo yokuqeda endaweni yesibili kwilogi ukuze yodlala kwiCAF Champions League ngesizini ezayo.

KUbe nokukhala okukhulu ngokuthi abeke uLorch ebhentshini ekubeni ubedlale kahle emdlalweni odlule behlula AmaZulu FC. Nokho esekhuluma ngemuva komdlalo, uZinnbauer ucacisile ngesizathu esimenze abeke lo mdlali othandwayo ebhentshini.

“Inkinga kuba wukuthi uba nomdlali osekulungele ukudlala, kodwa ube nomuzwa noma uthole ulwazi lokuthi unenkinga yomsipha noma akekho fithi ngokuphelele. Lapho ke kuvele kube ngcono ukuthi usebenzise abanye abadlali.

“Nisesikwadi esihle, ngakho siyakwazi ukushintsha iqembu. Ulwazi lokuthi umdlali unenkinga uluthola ngaphambi noma ngemuva komdlalo. Kodwa uHotto (Deon) uhlezi esesimweni esifanele.

“ULorch yena ubevele engakulungele ukuqala umdlalo. Lokho bekucacile. Kodwa siyamdinga, yingakho simbeke ebhentshini ukuthi sishintshe ngaye,” kusho lo mqeqeshi osenyamanambana kubalandeli beBhakhaniya.

“Kodwa-ke phezu kwakho konke lokho, asenzanga okwanele ukuthi singawina umdlalo. Besingenalo uhlaka lokudlala, besingaliphasi phambili ibhola. Besihlezi silandela ngemuva kukho konke. Lokho ke ngeke kukwenze uwine.

“Esiwombeni sesibili bese singcono futhi sawathola amathuba kodwa sangawasebenzisa. Uma ungawasebenzisi ke amathuba ngeke uwine. Siyawadinga amaphuzu amathathu, ngiyazi abadlali nabo bayazi ukuthi kwenzekeni.

“Bayazi ukuthi uma kuphela umdlalo kwenzakalani (ngesikhala sokuyodlala kwiCAF). Kumele sibuyise izingqondo, sicubungule amaphutha esiwenze kulo mdlalo ngokushesha bese sibheka phambili.

“Sizobhekana neBaroka, okuwumdlalo onzima  nawo. Siyawadinga amaphuzu amathathu uma kuwukuthi sifuna ukuqeda ezindaweni ezintathu eziphezulu kwilogi. Siwadingela lokho amaphuzu.”
Email: Editor@impempe.com | Twitter: @impempe_com | Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.