Ucacisa ngokusola onompempe njalo oweTS Galaxy

Ucacisa ngokusola onompempe njalo oweTS Galaxy
USead Ramovic
OkaDonga Gumbi

Umengameli weTS Galaxy uTim Sukazi ukhulume amazwi anzima esola onompempe kwiDStv Premiership ngokuthi bathunyiwe ukudicilela phansi iqembu lakhe.

USukazi wenza lezi zinslo ngesikhathi ekhuluma nabomsakazo ngeviki elidlule. Nomqeqeshi weqembu uSead Ramovic useke waphumela obala naye ekhala ngonompempe.

Lokhu kubonakala kubavikela abadlali bakhe abathola amakhadi abomvu angenasidingo njengoba kungasolwa bona, kodwa kusolwa onompempe ngakho.

Ebuzwa ngalokhu ngemuva komdlalo wabo neKaizer Chiefs ophele zibambene ngo 0-0, la uRamovic emncome khona unompempe, ube esecacisa.

“Wothi ngicacise lento ukuze ingadidi ukuya phambili… Into ekhulunywe ngusihlalo yindlela yena abona ngayo izinto,”  usho kanje uRamovic.  

“Ngakolunye uhlangothi, uma ulalela engikushoyo uzozwa ngiqonde ukuthini. Angibasoli onompempe ngoba nakhu singawini.  

“Kodwa ngiyakuvuma ukuthi nathi inkinga yethu ukungawashayi amagoli. Kumele senze kangcono kulokho, mhalwumbe yinkinga yezinga labadlali esinabo.

FUNDA NALA: UBaxter ucashe ngesithupha ephika eyokwethuswa yiTS Galaxy

“Kodwa okuhle wukuthi siyafika ebhokisini lezitha… Uzovumelana nami uma ngithi uma sidlala kahle futhi kumele sibekelwe iphenathi kodwa kungenzeki ngiyazibuza ukuthi kungani onompempe bengawenzi ngendlela umsebenzi wabo.

“Uma thina, ukwenza isibonelo nje, emdlalweni wethu neSuperSport (United) kwakumele sibekelwe amaphenathi amathathu.

“Akwenzekanga lokho salahlekelwa amaphuzu amabili kulowo mdlalo. Manje kumele ngenze njani? Ngithule sengathi angiboni? 

“Impela siyakusho lokho, kodwa ekugcineni mina ngithi iphenathi esiyibekelwe emdlalweni wethu odlule beyingafanele.

“Ngakho uzovumelana nami ukuthi onondweba baseNingizimu Afrika abekho ezingeni okumele ngabe bakulo.

“Futhi akusimina ngedwa obona lokho. Ngicabanga ukuthi iningi labaqeqeshi lingavumelana nami uma kulokhu.

“Angifuni ukuhlala ngigxekana nabo kodwa uma kuwukuthi ibhola lizothuthuka, nabo kumele bathuthuke.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.