UCardoso usola ukusayinwa kovucu nomadakwana ngokuwa kweChiefs

UCardoso usola ukusayinwa kovucu nomadakwana ngokuwa kweChiefs
UDaniel Cardoso oveza amahlazo abenzeka kwiKaizer Chiefs
OkaDonga Gumbi

UDaniel Cardoso usola ukulandwa kwabadlali abangekho ezingeni leKaizer Chiefs ngokuwa kwaleli qembu osekuphele iminyaka eyisikhombisa indebe liyizwa ngendaba.

UCardoso ube yingxenye yabadlali abayishumi iChiefs enqume ukungabagcini uma kuphela isizini edlule kodwa uzwakala engenagqubu ngalokho kodwa ezisola ngokungawini lutho.

Nokho uthi inkinga eyenze bahluleke wukunqoba kule minyaka eyihlalile wukuthi bese kusayinwa uvucu nje lwabadlali eNaturena.

“Ngicabanga ukuthi inkinga enkulu ebikhona kule minyaka eyisikhombisa ngilaphana… Ngike ngabona kusayinwa abadlali kodwa bengaqedi ngisho izinyanga eziyisithupha noma unyaka (ngenxa yokungabi sezingeni leChiefs).

“Kwesinye isikhathi izinga labadlali abebesayinwa yiChiefs belisolisa,” kusho lo mdlali ekhuluma kwiMarawa Sports Worldwide ngoMsombuluko kusihlwa.  

“Bekulandwa abadlali kwiNFD (GladAfrica Championship), kulandwe abaphelelwe zinkontileka la besuka khona. Khona abanye ububabona ukuthi bazimisele ngokudlala. 

FUNDA NALA: IChiefs igaqele isibabuli seTS Galaxy kodwa iyagodola nemali

“Kodwa abanye ububona nje ukuthi balandele ibhodwe eliconsayo, bazifunela iholo elihle kuphela. Lokho bekubonakala nasenkundleni uma sidlala.

“Abanye uyabona ukuthi bayafuna ukudlala… abanye bebefika ejimini benuka phu amankwebevu gnoba vele abanendaba.

“Ngicabanga ukuthi yilokho okube yinkinga enkulu,” kuchaza uCardoso. Usola ukuthi abaphathi yibo abadlale kancane ngalaba badlali abebebalanda.

Ukholwa wukuthi uma iqembu lingashintsha indlela elenza ngayo uma kuvulwe iwindi lokusayina abadlali, likhiphe imali esile izinti zingajika.

Nomqeqeshi osanda kuqashwa ngokugcwele kwiChiefs u-Arthur Zwane useke wakuveza ukuthi kunamazambane abolile iqembu elihlale nawo kungafanele.

“Kodwa engibona sengathi kube yinkinga enkulu abadlali abebesayinwa. Ngiyafisa bakushintshe lokhu. Imali banayo kwiChiefs futhi basangaba yiqembu eliyingozi.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.