UCardoso uthi eyeqembu lonke nabalandeli iMan of the Match ayiwinile

OkaDonga Gumbi

UDaniel Cardoso ngumdlali ozithulelayo nongavamisile ukugqama kodwa umsebenzi odongeni lweKaizer Chiefs, uhlezi ewenza ngokuzinikela.

NgoLwesithathu ngesikhathi ezikaGavin Hunt zivuka ngaMaZulu FC, ziwaphendula iminqolo  ziwashayela ekhaya ngo 1-0 emidlalweni weDStv Premiership, uCardoso ubedlala endaweni angajwayelekile edlala kuyo.

Le nsizwa eneminyaka engu-32, ibiboshelwe esiswini maphakathi nenkundla no-Akumu Agay waseGhana. Uyibambe kahle ngendlela yokuthi uze waqokwa njengomdlali ovelele.

“Le ndondo ngithi eyethu sonke Khosi Nation, ngiyazi benilokhu nisifaka umdlandla ngokomoya. Futhi ngeyeqembu lilonke. Wonke umdlali eqenjini imfanele ngoba sisebenze ngokuzikhandla ukuthola lo mphumela. Siya phezulu kuphela ukusuka lapha,” usho kanje uCardoso kwi-video ephanyekwe yiChiefs kuTwitter ngemuva komdlalo.

UHunt naye uzwakale eneme ngendlela adlale ngayo uCardoso wathi ubembophele khona ngoba umdlali osenamava futhi oseqinile ukuze Usuthu lungazicanaseli esiswini. Uthe bakhombise ukuzwana no-Agay.

Nokho uthe u-Agay usamnika inkinga ngoba akamqondi noma muhle esiswini noma emuva, wathi kodwa usazomhlalela phansi ambheke kahle.

Kuzokhumbuleka ukuthi iChiefs iyaxega kuleya ndawo njengoba noWillard Katsande esalimele nje kanti neminyaka ayisemihle kuye.

Nokho leyo yinkinga iChiefs esingaze iyilungise ngesizini ezayo uma isigwebo sayo sokungasayinisi abadlali sesiphelile. Ngenxa yalesi sigwebo, iphuthwe izinsephe kule ndawo oThabang Monare (osekwi-Orlando Pirates) noPhathutshedzo Nange (osekwiStellenbosch).