UCardoso uthi uyakuthokozela ukudlala ‘endaweni entsha’ kwiChiefs

UDaniel Cardoso osenikwe indawo entsha adlala kuyo kwiKaizer Chiefs

OKADONGA GUMBI

UDaniel Cardoso akephucwangwa nje kuphela umsebenzi wakhe wokukhahlela amaphenathi eKaizer Chiefs kodwa ususiwe nasendaweni ayijwayele nokulokhu aqala ukudlala ibhola udlala kuyo.

Ukufika kukaGavin Hunt kwiChiefs kushintshe izinto eziningi okubalwa kuzo nokusuka kuCardoso emuva ayodlala esiswini.

Nokho lo mdlali oneminyaka engu-32 ufike wangena khaxa endaweni ebijwayele ukudlalwa nguWillard “Salt and Vinegar” Katsande, wayidla kwaba ngeyakhe.

“Kusadlaleke kahle kakhulu. Akuhlukile kakhulu nokudlala emuva, kodwa manje yimi osevikela izitobha zethu. Ngiyakuthozokozela ukudlala khona.

“Sengilibona njalo ibhola, futhi yimi ophazamisa izimbangi kuqala uma zisihlasela, ngimelwe ukuvimba iminyakazo yazo zisekude namapali ethu.

“Ngifuna ukuthuthuka, ngidlale kangcono kule ndawo ukuze ngikwazi ukusiza iqembu liwine imidlalo. Kodwa ke akubalulekile ukudlala kahle komdlali oyedwa, siyiqembu futhi ngicabanga ukuthi izinto zizohamba kahle uma sidlala ngokubambisana,” kuchaza uCardoso.

Uthe wayazi ukuthi kuyoba wumphumela owodwa omuhle oyojika izinto njengoba beqale isizini beshaya ngonyawo lonwabu.

Amakhosi abesengenile emgqigqweni futhi ake awina nemidlalo emithathu kulandelana ngaphambi kokuthikanyezwa yi-Orlando Pirates ngempelasonto edlule.

“Asiyiqalanga kahle isizini, futhi yikhathi siqala manje ukubuyela emgqigqweni wethu nokuwina imidlalo lapha nalaphaya.

“Kodwa okuhle wokuthi sikhombisile ukuthi sizimisele ukuwulwela umphumela kule midlalo embalwa edlule. Yinto leyo okumele singabe siyayiyeka, siqhubeke nayo. Sidinga nje ukuthola umphumela omuhle bese izinto zethu zikhanya futhi,” kuphetha uCardoso.

Lowo mphumela Amakhosi awubheke kwiNedbank Cup la aqhathwe khona neqembu lesigaba sokuqala kuleli, iRichards Bay FC, abazogadulisana nayo eFNB Stadium ngeSonto ngo 5 ntambama.

Kuzomele azibambe ziqine nokho Amakhosi kwazise umlando wawo uma ebhekene namaqembu aqhamuka ezigabeni eziphansi awumuhle neze.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.