UCarrick uncoma uJadon Sancho ngokuzikhandla kwiManchester

UCarrick uncoma uJadon Sancho ngokuzikhandla kwiManchester
UJadon Sancho
UDABA: Mhlengi Cele
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi obambile weManchester United uMichael Carrick uthi umjabulela kakhulu uJadon Sancho oshaye igoli lakhe lokuqala kuleli qembu.

USancho ushaye leli goli ngoLwesibili ebusuku ngesikhathi iManchester ishaya iVillareal emdlalweni we-Uefa Champions League.

Lona bekuwumdlalo wokuqala weManchester ngemuva kokukhonjwa indlela kuka-Ole Gunnar Solskjaer.

Le wini iqinisekise ukuthi leli qembu elingelinyelathandwayo emhlabeni lingena ligijima kwiLast 16 yeChampions League.

UCristiano Ronaldo uvalele igoli lokuqala lamaRed Devils, ngaphambi kokuthi uJadon Sancho ashayelele isipikili sokugcina.

USancho ubesedlale imidlalo engu-14 engayazi inethi selokhu wajoyina iMan United esuka kwiBorussia Dortmund ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.

Lo mphumela usho ukuthi uCarrick ungumqeqeshi wokuqala wase-England ukunqoba umdlalo wakhe wokuqala epheka iMan United ngemuva kukaWalter Crickmer ngo-1931.

UCarrick owayeyibamba esiswini ngezikhathi zakhe e-Old Trafford uchazekile ngendlela abadlali bakhe abakhombise ngayo ukulambela ukuwina.

“Sinqobe ngesitayela, sikhombise ukuzimisela, salwa kakhulu” kusho uCarrick ngemuva komdlalo.

“Kukhona izikhathi lapho bekubukeka sengathi uyasiphunyuka umdlalo…

“Kodwa ngesiwombe sesibili sahlangana saba imbumba, kungichazile lokho, nabadlali esibafakile bawushintshile umdlalo, bafike kwezwakala.

FUNDA NALA: UXavi unovalo ngokuzakhela irekhodi elibi kwiBarca

“Ukuqeda umdlalo ngoJadon kubekuhle kakhulu. Ngiyazi ukuthi uJadon uthanda kanjani ukuphatha ibhola ezinyaweni zakhe ezama ukwenza izinto zenzeke, kuyamjabulisa lokho.

“Okungichaze kakhulu ngaye ukuthi kulo mdlalo ubekwazi nokusiza iqembu emuva, maningi amabhola awavimbile abeyingozi, ulikhuphule kakhulu izinga.”

Akukacaci ukuthi uCarrick uzobamba isikhathi esingakanani kwiManchester United, imibiko ithi kukhona iziphathimandla zeqembu ezifuna anikwe ithuba kuze kuphele isizini.

Eminye ithi leli qembu ligaqale umqeqeshi weParis Saints-Germain uMauricio Pochettino ngemuva kokuthi uZinedane Zidane eziqhathulile.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *