Ucasha ngesithupha uHunt kolukaNange ongajabulanga ekora kwiChiefs

UGavin Hunt

OKADONGA GUMBI
Kube yigoli elijabulise umqeqeshi weStellenbosch FC, uSteve Barker ngendlela yokuthi kwale kancane andize ngale ndlela eyadunyiswa ubabomkhulu wakhe, uClive Barker esapheka iBafana Bafana.
Kodwa okuxakile wukuthi olishayile, uPhathutshedzo Nange akazange alijabulele yena leli goli ebelibeka iStellies phambili okwesibili ibhekene neKaizer Chiefs emdlalweni weDStv Premiership eFNB Stadium ngoLwesibili kusihlwa.
UNange ubesanda kungena ngesikhathi iChiefs ishaya elokulinganisa yenza kube ngu 1-1, wabe esezithola engamakiwe engaphakathi ebhokisini laMakhosi, wahlangana nebhola ebeligotshwe nguStanley Dimgba walingqofela enethini kwaba ngu 2-1.
Nokho iChiefs ikwazile ukuphinde ilinganise umdlalo waphela ngo 2-2, kodwa ukungajabuli kwakhe kushiye imibuzo eminingi futhi kwaqala nezimpikiswano ezinkundleni zokuxhumana. Abanye bebethi akazange alijabulele igoli ngoba ehlonipha uHunt abebesebenza naye kwi Bidvest Wits ngesizini edlule, kanti abanye bathi yingenxa yokuthi uya kuleli qembu laseSoweto ngesizini ezayo.
UNange uke wazilolonga neChiefs ngasekuqaleni kwesizini ngesikhathi isalinde isinqumo ngesicelo sabo sokwehliselwa isigwebo sokungasayini abadlali ababeshaywe ngaso yiFifa. Kunezinkulumo ezikhulunyelwa phansi ezithi iChiefs yenza isivumelwano neStellies ukuthi isebenzise uNange kule sizini bese imbuyisa kuyo ngesizini ezayo Uma seyivumelekile ukusayina abadlali abasha.
Yingakho abanye besole ukuthi akajabuli nje lo mdlali yingoba lifana nokuthi umkhonto ugwaze ekhaya ngaleli goli lakhe.

UPhathutshedzo Nange

Ebuzwa ngalokhu ngemuva komdlalo umqeqeshi weChiefs, uGavin Hunt uvele wangena ezintangeni, wacasha ngesithupha.
“Ngiyazi ngingawuphendula kanjani lowo mbuzo, kodwa ngeke ngiwuphendule. Ngiyazi kumele ngithini, futhi ngiyakwazi nokumele ngingakusho… kodwa yah, umfana ohloniphayo futhi sisuka kude naye,” usho kanje uHunt.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.