Ucashe ngokudlala kwiChampions League uMcCarthy kushywa Usuthu

Ucashe ngokudlala kwiChampions League uMcCarthy kushywa Usuthu
UXola Mlambo
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

UBenni McCarthy, oqeqesha AmaZulu FC, ubona ukuthi amaqembu eDStv Premiership ayakusebenzisa ukuthi ezakhe zidlala kwiCAF Champions League.

Usho lokhu ngemuva kokuthi Usuthu luthelwe othulini ngo 2-0 yiSekhukhune United ngoLwesithathu ebusuku.

AmaZulu abukeke engahlangene kahle kulo mdlalo, kanti uBenni ubona ukuthi kunomthelela ukuthi bayibambe nakwiChampions League.

“Ngeke ngigxeke abadlali. Ukuthi nje bafike lapha badlala ngokuzimisela, kumele sikuncome lokho.

“Nokuthi sishaywe ngo 2-0 kumele sikubonge lokho. Ngendlela izinto ezihamba ngayo ekhempini yethu bekumele sishaywe ngembudlu,” kusho uMcCarthy.

“Nokho sizozama ukuzilungiselela kangcono uma siya emidlalweni yeCAF. Nakanjani amaqembu eza ngqo kithina akusebenzise ukuthi sihamba kakhulu (ukuyodlala eyeCAF)

“Namuhla bekungelona usuku lwethu. Ngeke ngempela ngigxeke abadlali ngoba bonke bazamile.

“Kwakona nje ukuthi balwile yize iningi labo belingeyona imiqemane, kusho lukhulu. Ngiyaziqhenya ngabafana, sisebenza kanzima.”

UMcCarthy uthembise ukuthi bazobuya ngamandla emidlalweni yePremiership ikakhulukazi ngomzuliswano wesibili.

“Kusewumzuliswano wokuqala, kuseza umzuliswano wesibili. Nginesiqiniseko sokuthi siyobe sibukeka ngendlela ehluke kakhulu ngomzuliswano wesibili,” kusho uMcCarthy.

ISekhukhune iqede umdlalo ingasaphelele ngemuva kokukhishwa kukaPogiso Mahlangu ngekhadi elibomvu.

FUNDA NALA: UKatsande uthi ungusomabhizinisi yena

Nokho bese kuvele konakele ngoba Usuthu bese lulandela ngo 2-0.

“Esimeni ebesikusona besingeke sikwazi ukusebenzisa ukuthi abasaphalele.

“Uzibonele nawe ukuthi iqembu lami belikhona enkundleni kodwa futhi lingekho.

“Nami nje ukuthula njengoba bengithulile ebhentshini, akumina lowo. Kunesizathu sokuthi kungani ngingaliphushi iqembu ngoba bengingeke ngikwazi ukukwenza lokho.

“Angilalanga kahle, ngilale amahora amabili kuphela,” kuphetha uMcCarthy.

AmaZulu azobuyela emidlalweni yeCAF kule mpelasonto. Ngemuva kwalokho azobe esebhakena neMarumo Gallants emdlalweni weligi ngoNovemba 3.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.