UCaster Semenya ucacisa ‘ngokuxabana’ nomqeqeshi wakhe

UCaster Semenya ucacisa 'ngokuxabana' nomqeqeshi wakhe
UCaster Semenya
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

UCaster Semenya usanethemba lokuthi umnyango wezemidlalo usazosifeza isethembiso sawo.

Lo msubathi we-800 km nosenqobe indondo yegolide kuma-Olympics amahlandla amabili, uthi wethenjiswa yilo mnyango ukumxhasa ngokukhokhela abammeli ukuze bamsize ukulwela amalungelo akhe.

Laba bammeli kumele bamsize kwizukazikeyi yenkahlankahla yenkinga eyadalwa yinhlangano ephethe ezokusubatha emhlabeni.

Yathi uSemenya akumele asubathe namanye amantombazane ngenxa yokuthi indalo yakhe wakhiwe njengomuntu wesilisa.

“Kumanje kungiphethe kabi ukuthi angikwazanga ukuba kuma-Olympics ngenza yalezi zinto eziyisithiyo empilweni yami kwezokusubatha.

“Nokho angililahlile ithembe yize kuhlwe emini nje. Ngiyaqhubeka nokuzilolonga ukuze ngihlale ngisesimweni esihle.

“Sengethemba ukuthi ungqongqoshe (wezemidlalo) uNathi Mthethwa uzosifezekisa isethembiso sakhe sokungitholela abammeli abaphezulu,” kusho yena.

FUNDA NALA: ULedwaba usemnyango kwiSafa afuna ukuyiphatha

UCaster uohinde wavulela Impempe isifuba eveza ukunengeka kwakhe ngamahlebezi okuthi sebeyinkukhu nempaka nomqomqeshi wakhe uSponki Seme.

“Abezindaba nje abebehudulela igama lami odakeni. USeme ngimthatha njengobaba ngoba kuningi angiweza kukho.

“Nguye owabona ithalente lami okokuqala, wangipholisha ngaze ngacwebezela wabe esengibeka emehlweni omhlaba.

“Nganqoba indondo yegolide nje kuma-Olympics kungenxa yemisebenzi yakhe,” kusho yena.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.