UCaster usola ipolitiki ngokungagcinwa kwesethembiso somnyango

UCaster usola ipolitiki ngokungagcinwa kwesethembiso somnyango
UCaster Semenya
Alfred Ngubane

Umnyango wezemidlalo kuzwelonke oholwa nguNathi Mthethwa sewuhlulekile ukugcina isethembiso owasenza kumsubathi wakuleli ophambili uCaster Semenya.

Lo mnyango wethembisa lo msubathi ukumsiza ukhokhele abammeli abasezingeni ngesikhathi elwa indaba yakhe ne-IAAF yokuzama ukumyekisa ukugijima imijaho yabesifazane.

Ekhuluma neMpempe kuleli viki, uCaster uthe namanje usabambe isisila sehobhe njengoba kungakaveli lutho kulo mnyango.

“Kungiphatha kabi lokhu okwenzekayo ngoba lolu daba lubucayi, ludinga ukusingathwa ngokucophelela nangobuchule obukhulu.

FUNDA NALA: Isiqalekiso seGhana siyakhula kusukela yarobha iBafana

“Ukusubatha kimi yikho okubeka ukudla etafuleni ekhaya nasemndenini wami. “Manje bona bazodlala ipolitiki eshibhile ngalolu daba,” kusho uCaster.

Lo msubathi ukhombise ukunengeka yilesi senzo sikaMthethwa songathembeki kuye wathi mhlawumbe yingoba engumsubathi wesifazane yingakho enganakwa kanjena nje.

Imizamo yokuhumana nomnyango ngalolu daba ayiphumelelanga kodwa Impempe izoqhubeka izame ukuwuxhuma ukuze uziphendulele.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.