UCastro ukhumbule ukudansela igoli, ufuna ukulishaya kwiGalaxy

UCastro ukhumbule ukudansela igoli, ufuna ukulishaya kwiGalaxy
ULeonardo Castro
OkaDonga Gumbi

Iyodwa into abeyikhumbule kakhulu umgadli weKaizer Chiefs uLeonardo Castro ngesikhathi engadlali elimele – umuzwa aba nawo uma ebuka ibhola liyoqabula inethi.

Uthi ukhumbule ukudansa ngemuva kokushaya igoli kanti usekubeke kwacaca ukuthi ufuna ukukhumbuza abalandeli umdanso wakhe ngoMgqibelo uma sebebhekene neTS Galaxy.

La maqembu azogadulisana eFNB Stadium emdlalweni weNedbank Cup ngoMgqibelo ngo-6 kusihlwa emdlalweni obhekwe ngabomvu.

“Sengisesimweni esihle manje. Ikhefu lisisizile thina ebesilimele,” kusho lo mgadli waMakhosi odabuka eColombia.  

“Bekuyisikhathi esihle sokuthi sizame ukubuyela esimweni ngokokuba fithi nokulungela umdlalo ngakho sesikulungele ukubhekana nemidlalo ezayo ngobuqotho nokuzimisela.  

“Nginethemba lokuthi emdlalweni ozayo… ngifuna ukujabulela igoli. Ngifuan ukushaya umdanso wami (wokujabulela igoli.

FUNDA NALA: Kumcikile uMazinyo ukuphunyukwa yinyamazane sebeyibambile

“Ngifuna ukukhombisa ukuthi ngisenelukuluku lokudlala nokuwinela iKaizer Chiefs imidlalo,” kusho lo mgadli owafika kuleli ezodlala kwiMamelodi Sundowns.

“INedbank Cup ingumqhudelwano obalulekile kithi futhi sizoya kuwo ngokuzinikela, siwakhiphe wonke amangwevu ukuze sidlulele phambili.”

NgeGalaxy, okuyiyona abazobhekana nayo ngoMgqibelo, uthe: “Bayiqembu elihle impela. Sonke siyazi ukuthi wonke amaqembu akwiPSL ayazimisela uma edlala neChiefs.

“Adlalela ukufa nokuphila futhi thina kuzomele senze okwethu, sibe yileli qembu esiyilo.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *