UCebekhulu uzozivivinya ngoStelle empini ebhekwe ngabomvu

USabelo Cebekhulu
Sihle Ndlovu

USabelo “Mkhonto” Cebekhulu uzongena emphandwini wezingonyama ngomhlaka 6 Meyi, eWild Coast Casino.

UZwilenkosi Magudulela ukhulume neMpempe mayelana nalokhu, wathi bafuna ukumhlola ukuthi ngabe usekulungele yini ukulwela ibhande laseNingizimu Afrika.

Lo mshayisibhakela waseMtubatuba uphethwe nguZwi weLudonga Boxing Promotion (LBP). Uzofihlelana izinzipho no-Enathi Stelle waseMpumalanga Koloni.

UMkhonto usezinqobe zonke izimpi azilwile ezine. UThulani “Nkunzi” Magudulela, ongasekho, uyena owahlonza uCebekhulu njengompetha omusha ngaphansi kweLBP. Lapho wayesalwe impi eyodwa KwaNongoma njengoba eyinkunzi engavinjelwa kumanje.

Khonamanjalo uZwi ukhala ngendlala kumabhokisa afana noSiboniso “Tiger” Gonya no-Ayanda “Nyamazane” Mthembu, abangazitholi izimpi. UMthembu wagcina ukungena eringini ngo 2019.

UGonya, owake waphatha izicoco ezintathu, okuyicocosaKwaZulu-Natal, WBA neWBO, kuyimanje uduvile abazifihli ndawo izinzipho.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.