UCele ofunwa yiChiefs ukhala ngengcindezelo yabaphathi beKZN Academy

UCele ofunwa yiChiefs ukhala ngengcindezelo yabaphathi beKZN Academy
UThabo Cele ovalwe ekutheni akhulume nabezindaba ngekusasa lakhe
Alfred Ngubane

Umdlali osemncane weBafana Bafana nodabuka KwaMashu, uThabo Cele ofunwa ngamaqembu amakhulu kuleli naphesheya ukhala uyazithulisa ngokwenziwa abaphathi bakhe kwiKZN Academy.

Ngokuthola kweMpempe ngomunye wabasondelene nalo mdlali ohalelwa kakhulu yiKaizer Chiefs, ubona ehlukunyezwa njengoba bemkhiye umlomo bathi engalokothi akhulume nabezindaba.

“Lento ayimphathi neze kahle ngoba kwathina akumele asitshele izinto eziningi ngekusasa lakhe lokho,” kusho lo mthombo ocele ukungadalulwa.

“Lokhu kumfakela ingcindezi enkulu ngoba ukube uyakhuluma ngabe uyakwazi ukuveza izifiso zakhe naye njengomuntu.

“Sonke siyazi ufunwa uthuli yiKaizer Chiefs kanti kungenzeka ukuthi naye uyathanda ukuyodlala kuyo kodwa akakwazi ukukusho lokho.

FUNDA NALA: Sekukhishwe uR200 million wokulungisa inkundla yeRichards Bay

“Balokhu bembelesela ngokuthi bafuna abuyele phesheya. Kodwa usemncane ubengadlala nje kwiChiefs bese aphinde abuyele phesheya ngoba iminyaka isamvumela,” kuqhuba lo mthombo.

UCele, oneminyaka engu-25, usekhombise izinga eliphezulu kakhulu noma kungacaci okwamanje ngekusasa lakhe nokuthi uzophelelaphi.

Ngokusho kwemenenja yakhe uHelio Martins kwabeSABC Sport ngeviki elidlule, uCele ufuna ukuhlala kwiRadomiak ePoland.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *