UCele ukhala ngokushoda kwabadlali abebezofaka ushukela kwi-Under 23

UCele ukhala ngokushoda kwabadlali abebezofaka ushukela kwi-Under 23
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

U-Andile “Sguda” Cele, owake wadlalela iqembu lesizwe laseNingizimu Afrika lika-Under 23, ukholwa ukuthi sibashiya ngemuva abantu abangasenzela izinto uma siya kuma-Olympics.

UCele ukhuluma kanjena nje iqembu lakuleli ebeliholwa nguDavid Notoane libuye lithwashazela nje ngemuva kokuthelwa ngehlazo eTokyo, eJapan.

Emidlalweni emithathu edlalwe yiqembu lakuleli lithole isibhaxu kuyo yonke labuya lingatholanga nelokubika iphuzu. UCele, owayedlala kwi-Orlando Pirates, uthi bekungekho simanga.

“Emdlalweni wokuqala abafana bakuleli babedlala kahle kodwa wawungekho lowo mfutho odingekayo. Babengekho abadlali abangaletha le nto eyisimanga, abadlali abangashintsha umdlalo,” kusho uCele.

“Yebo sasidlala kodwa ngicabanga ukuthi siyabashiya laba badlali bethu abangasishintshela umdlalo. Uyabona amaqembu anjengeBarcelona adlala kahle kodwa umdlali ofana noMessi (Lionel) uyakwazi ukuqonda kubadlali basemuva ashintshe umdlalo ngokushesha.

“Yilokho engakubona ikakhulukazi ngesikhathi sidlala neJapan. Sasidlala kangcono kodwa akukho okuyisimanga esasikwenza, singenabo abantu abakwazi ukuyinyathela kahle baqonde izitha.

“Emdlalweni ebesibhekene kuwo neFrance ngabona bedlala kahle.” UCele ungomunye wabadlali ababedlala kahle kwi-Under 23 ngaphansi kukaShakes Mashaba ngeminyaka yama-2000.

Abanye ababekhona eqenjini lakuleli uNasif Morris, Justice Sithole, Benedict Vilakazi, Sipho Nunens, Thabiso Malatsi, ukusho nje abambalwa.

Njengoba ekhuluma kanje uSguda kukhona vele ababekhala ngokuthi yini bashiywa bonke abadlali beMamelodi Sundowns, abake babizwa ekhempini kaNotoane.

Okunye obekungalamulela iNingizimu Afrika ukuthi kube nomdlali ofana noPercy Tau onamava angcono kunabanye abadlali abebehambe neqembu lika-Under 23.

FUNDA NALA: ISwallows ithole isiklwibhisi somgadli waseZambia

UTau wayekhona ezinhlelweni zikaNotoane njengomdlali omdala abezokwengeza ngaye. Nokho iqembu lakhe lase-England iBrighton & Hove Albion, yala yaphetha ukumdedela lo mdlali onenxele elihle.

Ukushaya udaka kwe-Under 23 eTokyo sekuholele ekutheni abanye abathandi bebhola kuleli bathi akukhonjwe indlela uNotoane ngoba uhlulekile.

Naye lo mqeqeshi uvumile ukuthi balihlazile izwe ngendlela abadlale ngayo kule midlalo yama-Olympics.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.