UCele uveza okwenza angaqomi kwiChiefs yize inhliziyo yayisivumile

UCele uveza okwamvimba ukujoyina iChiefs yize ayethanda
UThabo Cele
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

UThabo Cele ngomunye wabadlali abebemataniswa neKaizer Chiefs futhi abena abalandeli balala bengalele belindele ukuzwa ukuthi usesayiniwe.

Lo mdlali weqembu lika-Under 23 ubegijima ePortugal ngesizini edlule kanti udlala ibhola elihle kakhulu.

Uthi wayeseyitshelile inhliziyo yakhe ukuthi lizofezeka iphupho lokudlala kuMakhosi kodwa kwaqhamuka ithuba eliungcono ePoland.

Ugcine esayine kwiRadomiak esanda kukhushulelwa esigabeni esiphezulu kuleli lizwe lase-Europe.

“Ngaqala nganagyinaka indaba yeChiefs,” usho kanje uCele ekhuluma nabeSAfm muva nje.

“KOdwa kwathi uma izinto zingacaci kahle ePortugal ngabe sengiqala ngicabanga ngokujoyina iChiefs.

“Izingxoxo phakathi kweChiefs nabaphathi bami zase zishisa impela sezisondela kuvuthondaba.

“Kwagcina kungenzekanga kodwa kwase kukhona kimi ukuthi ngingayijoyina. Ngangikubona nokujabula okwakukhona ngokuthi ngingase ngize.

“Ngeke ngithi ngaphoxeka ukuthi akwenzekanga kodwa khona yayisikhona inhlansi yokufisa ukudlalela leli qembu elikhulu.

“Phela nami ngakhula ngingumlandeli wayo futhi neningi lbasekhaya bangabalandeli bayo. Bakhona ke nabalandela i-Orlando Pirates njengakuyo yonke imindeni.

FUNDA NALA: Ubuyiselwe emsebenzini kwiSwallows uTruter

Ebuzwa ukuthi yini le eyavimba ukuthi agcine engafikanga kuMakhosi ayesebhekwe ngabomvu kuwo, uCele uthe naye kazi kahle.

“Angazi kahle ngoba izingxoxo xaxihamba kahle impela nje. Ngeke ngikutshele ukuthi kwajikaphingoba angazi ngempela.

“Kwake kwabukeka kuzokwenzeka kodwa kwabuye kwacisha nje kanjalo. Ngeke ngithi ngaphoxeka…

“Kodwa nje ukukhuluma iqiniso, ngase ngiqalile nokubuka imidlalo yeChiefs ukubona ukuthi badlala kanjani.

“Ngingathi nje kwacishe kwenzeka, kodwa kwagcina kungenzekanga,” kuchaza okaNdosi.

IMpempe yake yabika phambilini ukuthi abaphathi bakhe babecuphise ngayo iChiefs ukuthi uma izinto zingamqondeli phesheya bese ebuya kuyo.

Kodwa ababekubheke kakhulu wukuthi aqhubeke khona e-Europe ngoba bafuna agcine esedlala kumaligi amakhulu kanti neminyaka isamvumela njengoba ena-24 nje manje.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.