Uchazekile umqeqeshi weCity ezakhe zibhubhisa iCeltic

Umgadli weCape Town City, uTashreeq Morris oshaye amagoli amathathu

OKADONGA GUMBI

Ugezeke inhliziyo umqeqeshi weCape Town City, uJan Olde Riekerink leli qembu lakhe livuka indlobane libukisa ngeBloemfontein Celtic ngokuyibhaxabula ngo 4-0 emdlalweni weNedbank Cup eCape Town Stadium ngoMgqibelo.

Umgadli, uTashreeq Morris nguyena obesekhaleni lempi yeCity futhi uwenzile umsebenzi wakhe njengoba eshaye amagoli amathathu. Elesine lishaywe wuThabo Nodada.

“Kuyajabulisa ukuthi uTashreeq ashaye amagoli amathathu. Ulilinde isikhashana impela ithuba lakhe lokudlala. Ubeyaye adlale ngalo ithuba kodwa namuhla nguye iqhawe futhi kumfanele lokho,” kusho uRierink.

Ube esethi ukuthi amagoli abe mangaki akubalulekile ngoba yena abekufuna kakhulu wukuthi badlulele emzuliswaneni olandelayo.

“Uma ngibheka umdlalo usuwonke, sidlale kahle. Siwine ngo 4-0 kodwa lokho yizonombolo nje, okumele kusijabulise wukuthi sidlulele emzuliswaneni olandelayo,” kusho lomqeqeshi waseNetherlands.

Uthe iCeltic ibhacaze ngokubayeka besahuqa ubuthongo ngesiwombe sokuqala.

“Asidlanga neze kahle ngesiwombe sokuqala, sakhe ithuba elilodwa ngomzuzu wesibili umdlalo uqalile ngemuva kwalokho bese sidlala nje into engatheni.

“Senze izinguquko ngesiwombe sesibili sabe sesakha namathuba amaningi futhi ngicabanga ukuthi siwasebenzise ngendlela efanele.

“Sinabadlali abasezingeni abakwaziyo ukusakhela amathuba. Obekubalulekile wukuthi sidlale ngokusemandleni. ICeltic idlale kahle esiwombeni sokuqala, thina savuka sazithatha ngesesibili.”

Khonamanjalo abesengu-11 amaqembu abesezibekisele indawo emzuliswaneni olandelayo ngoMgqibelo. Lawa maqembu yiPolokwane City, Mamelodi Sundowns, Tshakhuma Tsha Madzivhandila, Cape Town all Stars, Pretoria Callies, Maritzburg United, Orlando Pirates, TS Sporting, Cape Town City naMaZulu FC.

Mihlanu imidlalo esele kanti izodlalwa ngeSonto ntambama yonke. Omkhulu nobhekwe kakhulu kwesele ngoweKaizer Chiefs neRichards Bay ozoba seFNB Stadium.

Email: Editor@impempe.com – Twitter – @impempe_com

 

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.