Uchazwe wumdlalo omuhle uRulani weSundowns bewina iMTN 8

Uchazwe wumdlalo omuhle uRulani weSundowns bewina iMTN 8
IMamelodi Sundowns
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Uncome indlela edlale ngayo kahle iCape Town City umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena yize beyihlulile bewina iMTN 8.

IDowns iqukule indebe yeMTN 8 ngemuva kokushaya iCitizens ngo 3-2 kumaphenathi eMoses Mabhida Stadium eThekwini ngoMgqibelo. Umdlalo uphele ngo 1-1 emizuzwini engu-120.

Nokho kugqame ukugeja amaphenathi emaqenjini womabili, nokuvimba kahle kukaDenis Onyango oqokwe njengomdlali wosuku.

Uvimbe amaphenathi amahlanu. Bakhona kodwa abakhale ngendlela adlalise ngayo unompempe, njengoba bekubonakala sengathi amanye amaphenathi bekumele aphindwe.

“Sibone ibhola elihle kuwona womabili amaqembu. Kunezikhathi lapho besinengcindezi enkulu, kanti bekumele siqine ikakhulukazi ngesiwombe sokuqala,” kusho uMokwena.

“Lokho kwenziwa ukuthi bayiqembu elihle kakhulu, banabadlali abahle nomqeqesi omuhle kakhulu.

“Ngeke kube nobulungiswa ukungasho ukuthi badlale kahle kanjani.

“ICape Town City ibiyizimbangi ezinhle kakhulu, yingakho sibe nomdlalo wamanqamu omuhle.

“Bekudlala amaqembu amabili amahle, anabadlali abahle. Ngisho nokungena kwabadlali abebesuka ebhentshini kuwasize womabili amaqembu.”

ISundowns sekunesikhathi izama ukuwina iMTN 8 kodwa kungalungi. Zonke ezinye izindebe bese iziwinile kodwa kungavumi kwiMTN 8.

“Ngithanda ukubongela iMamelodi Sundowns, ithimba labaqeqeshi, abadlali, nomndeni wakwaMotsepe.

“Kubalandeli ngithi ngiyabajabulela kakhulu ngoba sebelinde isikhathi eside.

“Baye bathi izinto ezinhle ziza kulabo abalindayo. Bekumele silinde yize kugcine kwenzeka ngendlela okwenzeke ngayo.

FUNDA NALA: ISundowns iqede ishobolo leMTN 8 ishaya iCity 

“Bekungamele size siye kumaphenathi uma ubheka amathuba esiwatholile.

“Kumele sifunde ukuqedela ngesitha kodwa lokho kuyisifundo esizohamba naso njengoba isizini iqhubeka,” kusho uMokwena.

ISundowns izojabula ibuye nganeno njengoba kungekho ukuphumula.

Izobheksana neMaritzburg United emdlalweni weDStv Premiership, eLoftus Stadium, ePitoli ngoLwesithathu ntambama.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.