UCheslin usuka kude nombhoxo yize ayehlekwa ngokuba ‘mncanyana’

UCheslin usuka kude nombhoxo yize ayehlekwa ngokuba 'mncanyana'
UCheslin Kolbe
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

UCheslin Kolbe, ongumdlali wamaBhokobhoko, udlule ezintweni eziningi ukuze agcine eyiqhawe laseNingizimu Afrika ebholeni lombhoxo.

Lo mdlali omfushane futhi ongekho qatha kangako ngomzimba, useyingxenye ebalulekile yeqembu lesizwe lakuleli.

Futhi ubekhona ngesikhathi liwina iNdebe yoMhlaba ngo-2019.

Ukhule ezungezwe ubugebengu kanti abanye bebembona enomzimba omncane kakhulu ukuthi angadlala ibhola lombhoxo.

Udlame beludla lubi eKraaifonten lapho ekhulele khona uKolbe. Ubelandela uyise njalo uma eya enkundleni eyoziqeqesha.

“Kuyo yonke indawo lapho abedlala khona ngezimpelasonto, bengihlale ngikhona, ngime eceleni kwenkundla ngimeseka,” kusho uCheslin.

Uveze ukuthi ukulandela uyise ebuka ukuzimisela kwakhe yikho okwamfaka umfutho wokufuna ukudlala umbhoxo okhokhelayo.

“Ubaba wami akabanga nalo lelo thuba ngenxa yobandlululo kodwa mina lokhu ngakubuka ngenye indlela.”

Isikhangisi esisha seMomentum Insure kwithelevishini esenziwe yiBrave Group, sikhombisa uCheslin ezibuka esibukweni esemncane.

Umi phambi kwaso (isibuko) egqoke ijezi lebhola lombhoxo. Lapha kuvezwa ukuthi wayezizwa engaphephile kanjani ngesikhathi esakhula.

Bekuhlale kukhona futhi kumhlupha esakhula uCheslin ukuthi ubemncane kunontanga bakhe ngokomzimba.

“Ngidlalile ezitaladini, sidlala itouch rugby kanjalo nebhola lombhoxo lapho nitholana khona phezulu nilimale kuphume igazi,” kusho uCheslin.

Uthe lokhu kwamgqugquzela kakhulu yize ayenomzimba omncane kunabanye, kwamenza waqina.

Kwavusa umuzwa wokuzethemba kuyena nokuba umdlali ongaziqhenya ngobuyena, aphumelele.

FUNDA NALA: Uma kubheda iChiefs nePirates, kufa ibhola kuleli

Lesi sikhangisi sethelevishini sibalulekile ukuveza isimo sokuphepha kusetshenziswa imvelaphi kaCheslin.

Lapha kukhulunywa ngokubukelwa phansi kukaCheslin nokungabonwa njengomuntu okumfanele ukudlala ibhola lombhoxo ezingeni lomhlaba.

Konke lokhu kubanga ukuthi ube nokwesaba.

“Udaba lukaChelsini luyisibonelo esihle sokuthi ukuzizwa uphephile kwenza uzethembe, kanti lokho kwenza ukuthi uphumelele,” kusho uShweshwe Tlhapane oyiMomentum Insure CMO.

Nokho kukhona okuhle okuvelayo odabeni lukaCheslin.

“Abazali bami nomndeni wami, ngesikhathi bengikhulisa, benze ukuthi ngibone impilo ngenye indlela, nokuthi bengivikelekile.

“Lokhu kuyafana ncamashi nalokhu okucatshangwa yiMomentum Insure,” kuphetha uCheslin.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *