Uchiphize izinyembezi uParker evelelela kwidabhi yakhe ka-30

Uchiphize izinyembezi uParker evelelela kwidabhi yakhe ka-30
UBernard Parker
OkaDonga Gumbi

Uvele wachiphiza izinyembezi uBernard Parker kubuya izinkumbulo ezinhle nezimbi ngesikhathi ephiwa isipho esikhombisa ukuthi usedlale kwidabhi yaseSowetho amahlandla angu-30.

UParker udlale umdlalo wakhe ka-30 kule dabhi emisa izwe lonke uma idlala ngoMgqibelo kanti uqokwe waba nguMdlali oVelele behlula i-Orlando Pirates ngo 2-1 ngoMgqibelo.

UParker ube nomdlalo omuhle kakhulu kanti nguye obe ngumvusi wenyamazane njengoba kunguye ophasele uReeve Frosler ibhola ashaye ngalo igoli lokuqala.

Nasemdlalweni wonke nje ubeyimisile iChiefs ekhombisa isipiliyoni sakhe kanti uke wamanzisa noThembinkosi Lorch ngemanta kwajabula abalandeli beMpofana.

Ekupheleni komdlalo isikhulu seChiefs uKaizer Motaung Junior ube esemupha ijezi elinonombolo 30 nombhalo othi “Derby” ngemuva.

“Kube yiwini enhle. Abafana basebenzile impela. Besineqhinga futhi sihlalile kulo,” kusho uParker ekhuluma nabethelevishini ngemuva komdlalo.

“Silisebenzisile iqhinga lethu kodwa sibuye sabayeka ukuthi badlale ngendlela abafuna ngayo.

“Lokho bekungeyona inhloso yeqhinga lethu ngoba besifuna ukubancisha izikhala abazodlalela kuzo.

“Kuthe uma sesibanika qala bageleza bengena ebhokisini lethu. Vele iPirates iyakuthanda ukuthi uyinike izikhala zokudlala.

FUNDA NALA: IMaritzburg isizwe onompempe ishaya iSundowns kungazelele muntu

“Kodwa ke sikwazile yize bekukhona la bebesizuma khona, kube namaphutha kodwa siyafunda ke kuwo.”

UParker uthe le wini, ethathe iChiefs yayibuyisela endaweni yesibili, isidlulile futhi akumele bayijabulele kakhulu ngoba umsebenzi uyaqhubeka.

“Osekufanele sikwenze manje wukuthi sizithobe, kumele sigqugquzele nale genge esencane ingajabuli kakhulu.

“Akumele sijabulele idabhi kakhulu… idabhi eyabalandeli, besiyidlalela bona ngoba siyabakhumbula kakhulu futhi sethemba ukuthi sizobabona ezinkundleni maduze,” kusho le nsephe.

Umqeqeshi weChiefs uStuart Baxter umncomile uParker wathi usemdlalele kaningi kodwa akakaze enze kahle njengakulo mdlalo.

“UBernard Parker usengidlalele imidlalo eminingi kakhulu – kusukela ngilapha okokuqala namanje njengoba sengibuye isibili.

“Kodwa akakaze adlale kahle ngale ndlela enze ngayo namuhla. Usisebenzele kakhulu,” kusho uBaxter.

UParker ungomunye wabadlali asebenesikhathi eside bekhona kwiChiefs kanti usenyamanambana kwabanye abalandeli ababona edla isikhala sabafana abasebancane.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.