Uchitha eyokuqulekiswa wukubanjwa yiCosmos uBiyela weRichards Bay

UJomo Biyela

ALFRED NGUBANE

Kuvele ukuthi indlela akaphoxeka ngayo umphathi weRichards Bay, uJomo Biyela ngemuva kokubambana neJomo Cosmos, wavele waphelelwa amandla, waquleka waze wayovuka esibhedlela.

Abasondelene neqembu batshele Impempe ukuthi uBiyela uze wadedelwa ngoMsombuluko esibhedlela.

Sibe sesimxhuma okaMvundlane ukuzwa ubuqiniso balokhu, wakuchitha wathi akazi kusukaphi ngoba yena uwumqemane. Uthe ubeseke wezwa ngalokhu.

“Ngizwile ngalawo mahemuhemu kepha yinto engekho leyo. Mina ngikhuluma nawe nje ngiyashayelwa ngisuka Ethekwini ngiya eRichards Bay lapho kuziqeqeshela khona iqembu,” kusho uBiyela.

“Ngingumqemane, angikwazi ukuthi bakuthathaphi lokho abantu.” Ubezwakala ukuthi usesimeni esijwayelekile uphilile kahle.

Uveze nokuthi abayilahlile imbeleko ngoba basenethemba lokuthi bazongena emidlalweni yokuhlunga.

INatal Rich Boyz izobhekana neSteenberg United emdlalweni wokugcina ekhaya ngeSonto.

Akuzukuba umdlalo olula kwazise iSteenberg silwela ukuvika izembe ngakho sizowalwela amaphuzu.

UBiyela uthe basabhekile ukuthi kukhona ozoqhuzuka kula maqembu angenhla kwabo.

Ukuhluleka ukuhlula iCosmos kuyibeke endaweni yesine iBay, kodwa isangangena emidlalweni yokuhlunga uma ingawina bese elilodwa kulawa aphambi kwabo lihlulwa.

Email: Editor@impempe.com
Twitter:. @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.