Uchitha imibiko ematanisa uNjabulo Ngcobo neChiefs – kodwa amasango awavaliwe

UNjabulo Ngcobo weSwallows FC

OKADONGA GUMBI

USboniso “King” Ngubane oyimenenja yesitobha seSwallows FC, uNjabulo Ngcobo uthi ingamampunge imibiko ematanisa lo mdlali nezinkunzi zaseSoweto, iKaizer Chiefs ngoba bona abakatshelwa lutho ngakho.
Ngokusho kukaNgubane akukho okusafike kubo ngokudayiselana kweSwallows neChiefs lo mdlali ongomunye wabenza kahle kule sizini.
Usihlalo weSwallows, uDavid Mogashoa kuthiwa ukubeke kwacaca ukuthi ukuphela kweqembu abangalinika uNgcobo yiChiefs, okuyikho okususe izonsolo zokuthi Amakhosi ayamfuna lo mdlali.
“Ayikho into iSwallows esayikhulume nami, ngokunjalo neChiefs. Konke lokhu okukhulunywayo njengamanje kusengamahlebezi nje, ayikho into ebambekayo kukho,” kusho uNgubane ekhuluma neMpempe.
“Wasayina inkontileka yonyaka owodwa enombandela wokuthi bengayelula ngeminyaka emibili uma benesifiso salokho,” kuchaza yena ngesimo sikaNgcobo kwiDube Birds.
Kuleli viki kuvele nemibiko yokuthi iSwallows isiyelulile le nkontileka kaNgcobo futhi uNgubane akakuphiki lokhu njengoba ethi kuyilungelo lalo leli qembu ukwenza lokho.
“Uma ningazange nizifake izimali kulowo mbandela wokwelula, niyaye nihlale phansi bese nixoxisane kabusha, kodwa uma nanivele nivumelene ngezimali ukuthi ziyoma kanjani uma sekuvuselelwa, asikho isidingo sokuba kuxoxiswane kuqala.
“Sebeshilo ukuthi bazowusebenzisa lo mbandela ngenxa yokuthi ukuba bebengazange bakusho lokho kuze kuphele le nyanga, umdlali ubesezofana nongenayo inkontileka bese iqembu elimfunayo limthole mahhala.
“Thina savumelana vele ngezimali nabo ngokuthi zizonyuka kanjani uma bemgcina. Yingakho singabanga khona isidingo sokuxoxisana noma ukuxhumana nami kuqala,” kuchaza uNgubane.
Uthe njengomphathi kaNgcobo kungumsebenzi wakhe ukuqinisekisa ukuthi uyathuthuka ngomsebenzi wakhe futhi uyawathola amathuba angcono.

USboniso Ngubane noNjabulo Ngcobo

“Besifisa impela ukuthi uNjabulo aqhubekele kwelinye iqembu uma ithuba livela, futhi sisanethemba lokhuthi kuzokwenzeka lokho. Kodwa ke ngoba izongxoxo zisasemsamu nje ayikho into esingayenza.
“Usho kanjalo impela usihlalo (ukuthi iSwallows izomdelela iChiefs kuphela uNgcobo), kodwa leyo kuseyindaba ekhulunyelwa kude. Siyethemba uma ikhona ngampela into enjalo abaphathi beSwallows bazoxhumana nathi.”
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *